IZOGUGELA ejele indoda egwetshwe udilikajele yabhanselwa ngeminyaka engu-15 ngecala lokudubula ibulale owesilisa eyayikade imduna iveni eKranskop.
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igwebe uJabulani Cebolenkosi Mpungose (31) ngecala lokubulala uMnuz Dumsani Nxumalo (53).
Iphinde yamgixabeza ngesigwebo seminyaka engu-15 ngecala lokuduna imoto.
Kuthiwa isigameko senzeka ngoJulayi 3 ngonyaka odlule. Kubikwa ukuthi isidumbu sikaNxumalo satholwa abasebenzi basepulazini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe umufi watholakaka enamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni.
ULt Col Gwala uthe umufi wayekade ebikwe ukuthi ulahlekile esiteshini samaphoyisa saseKranskop ngosuku olwandulela okwatholakala ngalo isidumbu sakhe.
Uqhube wathi emuva kokutholakala kwesidumbu sikaNxumalo, kwabe sekuvulwa icala lokubulala.
Kuthiwa amaphoyisa aseKranskop athungatha uMpungose esiteshini samaphoyisa sasoThongathi lapho ayeboshelwe khona icala lokushayela budedengu edle amanzi amponjwana.
“Wazivumela ngokwakhe uMpungose ngesikhathi ehlonywa ngemibuzo ukuthi waduna imoto kaNxumalo wase eyamdubula,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha ababekade behamba noMpungose egila le migilingwane.
ULt Col Gwala uthe uMpungose ugwetshwe emuva kokuthi inkantolo imlahle ngamacala abethweswe wona nokuthi waliduna kanjani iveni eze ebulala.