NKOSIKHONA CELE
OWESILISA waseJozini uthi kuduma ikhanda, akazi nokuthi kumele enze njani ngemuva kokuthola izindaba zokuthi ingoduso yakhe ayilobole ekuqaleni konyaka, ibizolotsholwa omunye umbhemu emasontweni ambalwa edlule.
UMnuz Simon Makhathini (46) uthi okumdidayo ukuthi izinto bezihamba kahle phakathi kwakhe nengoduso yakhe, bayafonelana nsuku zonke njengoba yena esebenza eMpumalanga. Usola ingoduso yakhe, uNksz Fikile Mjwara (34) ngokuba yinyoka.
“Ngenhlanhla kunomakhelwane engimaziyo eMpangeni, ongihlebelile ukuthi ingoduso yami ibizolotsholwa. Angikholwanga kodwa ngethukile uma sengiziseshela ngithola ukuthi ngempela ngiyisilima,” kusho uMakhathini othi wazishaya zonke izinkomo ezazibizwe ekhweni lakhe.
Uthi yena ubesaqhubeka nokubeka imali yomgcagco nawo abehlele ukuthi ube maduze nje kodwa manje kuduma ikhanda.
Uthe baneminyaka eyisithupha bethandana nalo wesifazane.
“ Uma ngibuza ingoduso yami ngalo mhlola, iphike yalala ngomhlane kodwa kuthe uma isibona ukuthi ngiyazi ngempela, yathi lesi yisinqumo esithathwe abazali bayo, uma ngifuna izincazelo angithinte bona,” kusho uMakhathini.
"Ngimbuzile ukuthi emdala kangaka angavumela kanjani abazali bakhe bamfake entweni angahambisani nayo, uma ethi akahambisani nayo. Uhlulekile ukungiphendula."
UMakhathini uthe uma ebuza mayelana nowesilisa obezomlobola, ingoduso yakhe nakhona ivele yathi akabuze kuyise nonina.
Uthi umshayele ucingo umkhwe wakhe embuza ngale mbedumehlwane, wavele wamphendula ngokuthi indodakazi yakhe seyithole indoda ekholwayo yena bazombuyisela izinkomo zakhe.
ISolezwe Ngempelasonto lixhumanile nengoduso yavuma ukuthi iyamazi uMakhathini. Yathi ayithandi ukuphendula imibuzo eminingi yase inikeza intatheli izinombolo zikayise.
Ethintwa uyise uthe izindaba zakwakhe azifuni abantu bakwaCele.
Wathi futhi azifuni Isolezwe wase egcizelela nokuthi indodakazi yakhe inelungelo lokuthi ilandele inhliziyo yayo.
Uthe akathandi ukukhuluma kade ngalolu daba ngoba luthinta imindeni eminingi.
ISolezwe Ngempelasonto lizamile ukuthola imininingwane yowesilisa okuthiwa ulobole okwesibili kodwa ligcine lingazitholanga.