UYISE kaDkt Nandipha Magudumana, uMnuz Zolile Sekeleni (65) udedelwe ngebheyili kaR10 000 yiNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoMsombuluko.
UYISE kaDkt Nandipha Magudumana, uMnuz Zolile Sekeleni (65) udedelwe ngebheyili kaR10 000 yiNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoMsombuluko.
UMnuz Sekeleni ubevele nendodakazi yakhe uDkt Magudumana nabanye besilisa ababili ngecala elithinta ukweqa kwesiboshwa esingundabuzekwayo ejele laseMangaung ngoMeyi nyakenye, uThabo Bester.
Kubasolwa abane ebebevele enkantolo, kukhona owayengumsebenzi weG4S, uMnuz Senohe Motsoare kanjalo nowayebheke ukusebenza kwamakhamera ngosuku lwesigameko, uMnuz Teboho Lipholo.
Bobane babekwe amacala ehlukene okukhona kuwo elokubulala, elokusiza isiboshwa seqe ejele, elokushisa nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho namanye.
IMantshi, uMnuz Mohlo Kgabisi idedela uSekeleni ngebheyili ithe: “Msolwa wesibili (isho kuSekeleni) uyadedelwa ngebheyili kaR10 000. Icala lakho lihlehliselwa uMeyi 16.”
Phakathi kwemibandela uMohlolo ayinike uSekeleni uthe kufanele ayosayina esiteshini samaphoyisa ePort Edward (KwaZulu-Natal) kanye ngesonto phakathi kuka-8 wasekuseni no-4 ntambama.
Uphinde wathi uSekeleni akavumelekile ukuhamba endaweni yasePort Edward engalazisanga iphoyisa asayina kulo.
“Awuvumelekile futhi ukuthi uxhumane noma usondele eduze kofakazi boMbuso,” kusho uMohlolo.
Emva kokuhlala kwenkantolo kuvele ukuthi uSekeleni ulihoxiselwe icala lokubulala obekuthiwa ubekwe lona ngeledlule.
Ngaphambi kokuthi uMohlolo anike uSekeleni ibheyili, uyalele uMagudumana ukuthi aveze ubuso, obelokhu ebufihle ngesigqoko sejakhethi abeyigqokile nesifonyo kusukela evela okokuqala ngeledlule emva kokulandwa kwakhe noBester eTanzania.
Ummeli wakhe u-Adv Diba (elingatholakalanga igama lakhe) usukume wabuza ukuthi kubaluleke ngani ukuthi ikhasimende lakhe lize liziveze ubuso.
Waphendula umshushisi woMbuso, u-Adv Sello Matlhoko wathi ukuze inkantolo ibe nesiqiniseko esigcwele sokuthi owesifazane omi phambi kwayo uye ngempela uDkt Magudumana.
Emva kwalokho kucacisa, uDkt Magudumana obesadlubhe indandatho yomshado yize esevalelwe, wenze njengoba inkantolo imyalela.
UDkt Magudumana, uMotsoare noLipholo elabo icala lihlehliselwe uMeyi 3 no-4 ukuze bacele ibheyili.
ULipholo uyena yedwa obengenammeli, wacela usizo lokunikwa ummeli kahulumeni.
Uyise kaDkt Magudumana obebonakala elusizi, ubekhombisa ukweseka indodakazi yakhe, kuthi uma kusukunywa ayiqhwebe eyikhumbuza ukuthi isukume nayo. Ubebuye ayibheke emehlweni ayihlebele kancane, kubonakale uDkt Magudumana enqekuzisa ikhanda.
Inkantolo ibigcwele phama. Okugqame kakhulu ukuthi ezokuphepha beziqiniswe ngokweqile kanti bekugcwele nabezindaba abavela ezinhlakeni ezihlukene.