INHLANZI ingase ishelwe amanzi kosopolitiki abagxambukela ekukhishweni kwamathenda nasekuqashweni kwezikhulu zeminyango kahulumeni njengoba uhulumeni ucubungula isiphakamiso sokuthi kwenziwe kube icala elibomvu ukugxambukela kosopolitiki.
Lesi siphakamiso singesinye seziphakamiso ezenziwa ikhomishini eyayiphenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe sebeqale ucwaningo ngalesi siphakamiso njengoba besembhidlangweni wokushaya imithetho abahlose ngayo ukuthi elakuleli lingaphinde libuswe yidlanzana.
Lokhu ukusho encwadini yakhe yamasonto onke.
Ikhomishini eyayiholwa inhloko yamajaji, iJaji Raymond Zondo, yathola ukuthi elakuleli lalahlekelwa izigidi zamaRandi ezabhubhudlwa ngesikhathi lilawulwa yidlanzana.
URamaphosa uthe bafuna ukuthi ishaywe ngokushesha imithetho emisha ezokwenza ukuthi elakuleli lingaphinde libuswe yidlanzana.
“Imithetho eyisishiyagalombili kule engu-14 esifuna ukuyishaya, isiphasisiwe yiKhabhinethi yaphinde yethulwa ePhalamende. Inhloso yale mithetho ukulungisa indlela okukhishwa ngayo amathenda, ivimbe ukugxambukela kosopolitiki iphinde yenze isiqiniseko sokuthi izikhulu zeminyango kahulumeni ziziphatha ngendlela. Kukhona eminye ehlongozwayo okusavulwe ithuba ezinhlakeni ezithintekayo ukuba ziphawule. Sisenza ucwaningo mayelana nezinye iziphakamiso zekhomishini okukhona kuzo nesiphakamiso sokuthi kube icala ukugxambukela kosopolitiki.”
URamaphosa uthe uhulumeni ucubungula iziphakamiso ezahlukene ngokusungulwa kwezinhlaka ezilwa nenkohlakalo njengoba kwaphakamisa ikhomishini.
“Umsebenzi omkhulu esiwenzayo ukuxhumana nezinhlaka ezithinteka ekulweni nenkohlakalo. Okunye esikwenzayo ukugqugquzela umphakathi ukuba ulwe nenkohlakalo. Ikhomishini yathola ukuthi inkohlakalo eningi yenzeka emabhizinisini kahulumeni. Izinkampani zikahulumeni izona ezinezabelo zemali enkulu. Ingakho sifuna ukushintsha imithetho elawula ukuqokwa kwezikhulu zezinkampani zikahulumeni kanye nokukhishwa kwamathenda.”
URamaphosa uthe yize elakuleli lalahlekelwa imali eningi ngesikhathi libuswa yidlanzana, likhulu ibanga eselihanjiwe ukubuyisa imali eyehliswa ngemilenze ngaleso sikhathi.
“Njengamanje kunamacala asezinkantolo ayisishiyagalolunye lapho kumangalelwe khona abantu abangu-41 nezinkampani ezingu-12. Inhlangano yezokushushisa iNational Prosecuting Authority ikwazile ukuthola igunya lokushaqa imphahla yenani lika-R13 billion. Imali engu-R5 billion eyayikhishwe ngendlela engekho emthethweni isibuyisiwe. Inhlangano eqoqa intela nayo ikwazile ukulandela abebengayikhokhi intela.”