Uma bengase batshelwe okusolwa ukuthi bazovalelwa omazisi babo ngoba besolwa ngokuthi ngabomgunyathi, bangaqhubeka benze ubugebengu ngabo ngaphambi kokuthi bavalwe.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe woMnyango wezeseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, ephawula ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.
Inkantolo ithe umnyango akufanele uvale ukusebenza komazisi babantu ngaphandle kokubazisa, ukuphenya ukuthi izinsolo ezikhona ngaleyo nombolo kamazisi ziyiqiniso yini.
Iqhube yathe umnikazi kamazisi kumele anikwe ilungelo lokudlulisa isinqumo uma engenelisekile ngoba lokho kungukwephula ilungelo laleso sakhamuzi elikuMthethosisekelo.
IJaji Elmarie van der Schyff, leNkantolo eNkulu yasePretoria, lithe uMqondisi-Jikelele woMnyango wezaseKhaya unomthwalo wokuvikela isithunzi somqulu okubhalwe kuwo bonke abantu bakuleli.
Lithe akulungile “ukubeka umaka” kunoma yimuphi umazisi osolisayo, ukuvimba ukusebenza kwalowo mazisi, ngaphandle kokulandela inqubo efanele.
Icala belifakwe nguNksz Phindile Mazibuko, othintekayo ekuvalweni komazisi, osebenzise iLawyers for Human Rights neLegalWise South Africa.
UMnyango wezaseKhaya nomqondisi-jikelele womnyango bebethi akukho okuphambene nomthetho okwenziwa wumnyango, ngokuvala omazisi abasolisayo.
Abafake izicelo xokulalelwa kodaba enkantolo bebethi bangamakhulu abantu abakhala ngokuthi omazisi babo bavalwa ukuthi basebenze, ngaphandle kokwaziswa ngaphambi kokuthi bavalwe futhi kungekho zizathu ezibekiwe.
Ngenxa yalokho abakwazi ukuthola izincwadi ezibavumela ukuthi bavakashele ngaphandle kwezwe, abakwazi ukuvota, ukuthola usizo lwezempilo, imfundo noma ukuvula ama-akhawunti emabhange. Bathi izingane zabo ezibhaliswe izitifiketi zazo ngomazisi babo zihlukumezeke ngendlela efanayo.
Ijaji lithe abameli babamangali bathe umnyango usanda kuvula omazisi abangaphezu kuka-1.8-million ababevaliwe kodwa ngesikhathi kulalelwe isicelo ngoSepthemba nyakenye, bekusenomazisi abangu-700 000 abavaliwe.
UMotsoaledi , uthe amabhange athe uma kungase kuvulwe omazizi abangu-700 000 azoshona ngoba abenza omazisi bomgunyathi baboleka imali emabhange besebenzisa bona labo mazisi.
"Ukubazisa ngaphambi kokubavala omazisi abasolekayo nakhona kungabeka amabhange engcupheni yokuthi benze ubuqola ngabo, sebazi ukuthi bazovalwa.
Siwumnyango sizozama ukuthi sibuyele etafuleni sibheke ukuthi umthetho, i-Identification Act singawulungisa kanjani,“ kusho uMotsoaledi.