UYAQINA unqwazi kwabakholelwa kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu ahlukene owaziwa ngeGovernment of National Unity (GNU), ohola izwe kuleli. Muva nje uhulumeni uphothule izinsuku ezingu-100, usezintanjeni zokuhola izwe.
Njengoba abantu bengayi nganxanye bengemanzi, izimbangi nalabo abangayizwa eyeGNU, basahlalele ethembeni lokuthi kusazohlukana inhloko nesixhanti uma kuphuma emandleni ohola i-ANC, uMengameli Cyril Ramaphosa.
Abanye kuyona i-ANC abahambisani neGNU ngoba kuze kwashiya enye ingwevu eyayingundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu ikhala ngale GNU.
AmaKhomanisi ayihlabe ayihlikiza eyeGNU, alwa nokuthi i-DA, ayibiza njengeqembu labacindezeli, iyingxenye kahulumeni.
I-ANC eyamema amanye amaqembu ukuthi abe yingxenye kahulumeni, iyakuveza ukuthi yakwenza lokhu emva kokuba abavoti beyehlise ezitezi, yangathola amavoti enele ukuthi ingabusa futhi ibumbe uhulumeni iyodwa.
UKhongolose ubambisene neDemocratic Alliance, Patriotic Alliance, Inkatha Freedom Party, GOOD, Pan Africanist Congress of Azania, Vryheidsfront Plus, United Democratic Movement, Rise Mzansi ne-Al Jama-ah
Ezinsuku ezevile ku-100, uhulumeni wokubambisana usemandleni kukhona ukunconywa ngokuthi ubambe ngakho futhi kunokusebenzisana kwamaqembu.
Kubunjwe namakomiti azoxazulula izinkinga ezivumbuka kwiGNU. Elinye lawo lisezingeni lePhalamende, liholwa yiPhini likaMengameli lezwe ne-ANC, uMnuz Paul Mashatile.
Leli komiti ebelihleli ngoLwesine, belibhunga ngezinto ezingungqingetshe kwiGNU, okubalwa ukungavumelani ngemithetho eyaphasiswa ehlandleni eledlule likahulumeni.
Le mithetho ibala owezikole iBela, okumiswe izigatshana ezimbili kuwona ukuze kuxoxwe ngazo, kuvunyelwane ngaphambi kokuba ziqale ukusebenza ngokugcwele. Omunye eyomshwalense wezempilo, iNHI, okusuke umsindo ngayo.
Abaholi bamaqembu akwiGNU bazwakalise ukuyithakasela eyokuba yingxenye kahulumeni. Baze balimise ngesihloko elokuthi ngeke uwe lo hulumeni futhi izophela iminyaka emihlanu usemandleni.
Laba baholi bayakuveza ukuthi nakuba beyingxenye kahulumeni kodwa basazoqhubeka nokugxeka izinto abangahambisani nazo.
Kulindelekile ukuthi uma kuhlangene imihlathi eyalanayo, kuzobakhona ukwehluka kwemibono. Nabaholi bamaqembu bayakusho ukuthi bahlukene ngokwemibono kodwa bayasebenzisana futhi bayahloniphana.
Abahlaziyi bezombusazwe bayayincoma iGNU, baze bathi kumele idlulele nakomasipala abanezinkinga zombango.
“Omasipala kumele basike iphethini, idlulele kubona eyezinkinga zombango ezenza kuze kugqoze eyokuhanjiswa kwezidingo. Ibambe ngakho kuhulumeni kazwelonke kanjalo nowezifundazwe esifana neKwaZulu-Natal, lapho kunohulumeni wokubambisana kwamaqembu,” kusho uDkt Levy Ndou, umhlaziyi wezombusazwe.
UNdou ubalule ukuthi ibuyise ithemba eyeGNU ezweni kanti neyezinhlaka zokuxazulula izinkinga izokwenza ukuthi izinto zingaphumi esandleni kuze kuhlakazeke uhulumeni ngenxa yokungaboni ngaso linye.
Omunye wabahlaziyi bezombusazwe uSolwazi Dirk Kotze, uhambe emazwini kaNdou, wathi izinkinga ziyohlale zikhona kuhulumeni uma kubanjiswene kodwa okubalulekile ukuthi zisheshe zilungiswe.
Kanjalo nenhlangano i-Institute of Race Relations, ithe iGNU ilethe uzinzo yenza abantu bomhlaba balithemba elakuleli ngokubambisana kwamaqembu esikhathini esifushane kudlule ukhetho.
I-IFP ephethe esikandunankulu esifundazweni, ithe abakhohlwe labo abacabanga ukuthi kuzophela ngeGNU.
Umengameli weqembu uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe ekahulumeni wokubambisana ibuyise ithemba ebantwini bakuleli, nabakwamanye amazwe.
“Lapho sihamba khona emazweni omhlaba abaholi bakhona bancoma eyokubunjwa ngokushesha kukahulumeni wokubambisana. Kubuye ithemba ngokubunjwa ngokushesha kwalo hulumeni nokubambisana okukhona,” kusho uHlabisa.
Uthe kulo hulumeni wokubambisana kukhona ukuhloniphana kwabaholi bamaqembu ahlukene.
“Siyaqhubeka nokufuqa umkhankaso odabeni lweNgonyama Trust nokufukulwa kwamakhosi nokuthi iBhange Ithala lisebenze ngokugcwele. Lezi ngezinye zezinto esathembisa abantu bakuleli ukuthi sizozenza uma singena kuhulumeni,” kusho uHlabisa.
URamaphosa uthe okubalulekile ngukuthi kunokuhloniphana phakathi kwabaholi abakwiGNU, nokusebenzisana kongqongqoshe bamaqembu ahlukene.
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen, uzwakalise ithemba ngohulumeni wathi abazisoli nakancane ngokuba yingxenye yawo.
Uveze ukuthi okuseqhulwini kuhulumeni kanjalo nakwi-DA, ukukhula komnotho, ukwakha amathuba emisebenzi nokuqeda indlala nokubuyisa ithemba kubantu bakuleli.
Ukuvezile ukuthi basayichitha eyemithetho iBela neNHI.
UDkt Pieter Groenewald, umholi weFF Plus, ekhuluma ngezinsuku ezingu-100 zeGNU, uthe abantu bakuleli bazozuza lukhulu uma kuqhubeka ukubambisana.
Abanye abaholi bazwakalise ukuthi uma kubanjiswene, izwe lizothuthuka liye phambili.
Akwaziwa mbhantshi kujiya ngokuthi ngabe izophela yini iminyaka emihlanu isabambisene kwiGNU ngoba osopolitiki omalala bephenduka.