UBUCHITHILE ubufakazi balabo ababesendlini ngosuku okwabulawa ngalo lowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, udokotela owahlola isidumbu sakhe.
UDkt Johannes Steenkamp wethule obakhe ubufakazi phambi kwenkantolo izolo. Uthe nguye owahlola isidumbu sikaMeyiwa ngo-Okthoba 28, 2014, emva kwesigameko sokudutshulwa kwakhe okuthiwa senzeka evakashele kubo kwentombi yakhe abanengane nayo uKely Khumalo, eVosloorus eGoli ngo-Okthoba 26, 2014.
USteenkamp utshele inkantolo ukuthi uMeyiwa wabulawa wukopha kakhulu emva kokudutshulwa.
Uthe lingu-1 700ml (1,7 litre) igazi elophela ngaphakathi kuye emva kokudutshulwa.
Ubuye wathi inhlamvu okuyiyo eyadala umonakalo owagcina uthatha impilo kamufi, yangena kwesingenhla, yalimaza ingxenye yenhliziyo nengxenyana yephaphu lakhe langakwesokudla.
Uveze ukuthi ukuthinteka kwenhliziyo kwaholela ekutheni eminye imithambo ephampa igazi ithikamezeke okwaba nomthelela ekushoneni kwakhe.
Ubuye waveza nokuthi ukuthinteka kwephaphu langakwesodla kwaholela ekutheni naleli langakwesobunxele lingabe lisakwazi ukusebenza.
“Noma ngingeke ngisho ukuthi kwathatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuthi ashone kodwa uma ngibuka indlela adubuleka ngayo nokuthinteka kwezitho zomzimba ezimbaluleke kangaka emzimbeni, ngingasho ukuthi mhlawumbe kwakungathatha imizuzwana noma imizuzu ukuthi ashone, lalingeke liphele ihora,” kuchaza uSteenkamp.
Ube esehlonywa ngemibuzo ngu-Advocate Charles Mnisi ongummeli kammangalelwa wesithathu, uMnuz Mthobisi Mncube.
“Kunobufakazi la obuthi umufi wayelwa nomunye wabasolwa. Kuthiwa owayephethe isibhamu wayencike esicabheni sasekhishini, umufi ebheke ngakuye. Bathi kwabe sekuqhuma isibhamu, kwabaleka wonke umuntu, akekho ovezayo ukuthi wabona ukuthi umufi wadutshulwa kanjani.
“ Angisho ukuthi ungungoti kwezezibhamu kodwa uma ubheka isithombe sokulimala komnyango, ulinyazwa yinhlamvu, ungasho yini ukuthi lokho kuyahambisana nokutholile ngesikhathi uhlola isidumbu, umuntu owayedubula nguye owayencike esicabeni, umufi yena ebeke esicabheni?” kubuza uMnisi.
USteenkamp uthe uma ubuka indlela adubuleke ngayo, lobo bufakazi abuwenzi umqondo, ngoba ukungena kwenxeba emzimbeni kwakungaphambili, hhayi ngemumva.
Uqhube wathi lokhu kokuthi umufi wayelwa nomuntu owayephethe isibhamu, owayengemuva kwakhe, akuhambisani nhlobo nalokho akuthola yena ngesikhathi ehlola isidumbu.
Uphinde wagcizelela iphuzu lakhe uMnisi ethi okunye okuvelayo ukuthi umufi wayelwa nomsolwa owayengahlomile ngesibhamu.
“Kuthiwa umuntu owayephethe isibhamu wayengemuva kukamufi, ngokokuthola kwakho ngendlela owathola ukuthi udutshulwe ngayo, ingabe kunjalo?” kubuza uMnisi.
USteenkamp ubukhahlele ngazo zombili lobu bufakazi.
“Akuhambisani. Lokhu kokuthi umufi wayelwa nomsolwa owayengahlomile, wadutshulwa yilo owayesemumva kwakhe, akuhambisani nhlobo nalokhu mina engakuthola ngesikhathi ngihlola isidumbu.”
Ngesikhathi sekuyithuba lika-Advocate Zithulele Nxumalo ongummeli kammangalelwa wesine, uMnuz Mthokoziseni Maphisa, uthe kungenzeka yini ukuthi kube khona ukopha okuphumela ngaphandle kusuka la umufi adutshulelwa khona kuya lapho afike wawela khona?
USteenkamp uthe kufanele ukuthi ngabe kwenzeka kanjalo.
Ube esemkhombisa izithombe ezikhombisa ukusuka ekhishini kuya egumbini lokuphumula maqede wathi uyabona yini uSteenkamp ukuthi azikhombisi ukuconsa kwegazi.
“Thina njengabameli sithi kwathikanyezwa indawo yesigameko njengoba engekho amaconsi egazi,” kusho uNxumalo.
Kungenele ijaji uRatha Mokgoatlheng ethi: “Kodwa asikukhumbule nokuthi umufi wayengenqunu, wayegqokile futhi uma ubuka lezi zithombe zikaSteemkamp, ziyakhombisa ukuthi izingubo ezazigqokwe ngumufi zazigcwele igazi. Okusho ukuthi kungenzeka ukuthi laconsela ezingutsheni.”
Icala liyaqhubeka namuhla.