ISEKELA Mengameli weZwe uMnuz Paul Mashatile useziphosele inselelo izinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kuyena nomndeni wakhe.
ISEKELA Mengameli weZwe uMnuz Paul Mashatile useziphosele inselelo izinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kuyena nomndeni wakhe.
Lokhu kuza emva kokuvela kwemibiko ethi indodana yakhe uThabiso nomkhwenyana wakwakhe, uMnuz Nceba Nonkwelo abangabaqondisi benkampani, yibona abakhokhele umuzi okuhlala kuwona uMashatile obiza u-R37 million.
Kuyavela nokuthi iNonkwelo Investments ihlomule ngokubolekwa imali amahlandla amane kwiGauteng Patnership Fund, isiyonke imali igcine ifinyelela ku-R30 million kusukela ngo-2013 kuya ku-2017.
Lokhu kuthiwa kwenzeka ngesikhathi uMashatile esanguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu khona eGauteng.
Imibiko iqhubeka iveza ukuthi le mali mboleko eyatholwa kwakumele isetshenziselwe ukuthuthukisa izindawo zokuhlala kwabafundi eHighlands eJohannesburg kodwa lowo msebenzi awuzange uphothulwe.
UMashatile uzichithile lezi zinsolo ethi akukho okuphambene nomthetho ake akwenza ngesikhathi esangungqongqoshe walo mnyango.
Iziko lezindaba elinguzakwabo weSolezwe, i-IOL uMashatile engxoxweni ekhethekile elibe nayo naye e-OR Tambo House ePretoria ngoLwesithathu ulitshele ukuthi uyazi ngomkhankaso wokuzama ukumqumba phansi.
Uthe lo mkhankaso uhlose ukudweba isithombe sokuthi akafanelwe ukuba nguSekela Mengameli okuyisikhundla afungiswe kusona kulo nyaka.
“Into abantu abayikhohlwayo ukuthi kunezinhlaka ezibekelwe ukubhekana ngqo nalezo zinsolo. Kwahulumeni kunohlelo lokubhekwa kwempilo ephilwa yizikhulu zikahulumeni.
“Kulo luhlelo ukuveza obala ukuthi uhlala kuphi, unani nokuyinto engiyenzile. Ngakho-ke uma abantu befuna ukwazi ukuthi ngiphila impilo ewubukhazikhazi, lokho bazokuthola kulona lolo hlelo olwenziwayo kithina sonke,’’usho kanje.
UMashatile uzihleke usulu izinsolo zokuthi yena ucebile nokuthi umndeni wakhe uhlomule ngokungafanele ezikhundleni abekade ekuzona kuhulumeni ngaphambilini.
Ebuzwa ngokuthi ngesikhathi esakuhulumeni eGauteng ngabe zikhona izimali ezingafanele azithola, uMashatile uphendule ngokuthi akukaze.
Eqhuba uthe: “Eqinisweni ngonyaka ozayo kuzobe kuphela iminyaka engu-25 ngikuhulumeni uma ngibala iminyaka eyisihlanu lapho engahamba khona ngayoba umgcinimafa we-ANC. Angikaze ngibekwe izinsolo zenkohlakalo futhi ngibizelwe kwiKhomishana eyayibheka ngokuqhwagwa koMbuso yidlanzana. Angisiyena usomabhizinisi,’’ ephetha.