UCHAZWE njengomholi obezinikele ekufukuleni imfundo yakuleli obengungqongqoshe wezemfundo eFree State, uMnuz Tate Makgoe (59), oshone engozini yemoto izolo ezintatha ngaseWinburg, ngesikhathi imoto yakhe ishayisa izinkomo ezintathu.
Kule ngozi kushone umqaphi wakhe, uWarrant Officer Vuyo Mdi, kwathi umshayeli, uMnuz Pule Nkopane, waphuthunyiswa esibhedlela.
UNdunankulu waseFree State, uMnuz Mxolisi Dukwana, ovakashele indawo yesehlakalo, uchaze uMakgoe njengomholi obezimisela uma enza into.
UMakgoe unomlando omuhle kwezemfundo njengoba lesi sifundazwe sihleli kunombolo 1 iminyaka emine ilandelana emiphumelweni ka-matric.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, uDukwana uthe uMakgoe ubebuya emhlanganweni obuseGauteng, eya enkonzweni eFree State ngesikhathi ehlelwa ingozi.
“Usebenze ezinhlakeni ezehlukene futhi lapho ebejutshwe khona ubenza umsebenzi wakhe ngokuzinikela. Kwezemfundo uqophe umlando njengoba isifundazwe sihlale siphambili kwa-matric,” kusho uDukwana.
Ingena ingenile imiyalezo yenduduzo emndenini kaMakgoe kanjalo nebhekiswe kuhulumeni waseFree State.
UMengameli Cyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo ngokudlula kwalo mholi, wathi lesi sehlakalo simshaqisile.
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uthe ushaqekile ngokudlula kukaMakgoe, wathi indlela abephethe ngayo umnyango iyona ebiyenza minyaka yonke uhlale kunombolo 1.
Uthe kubuhlungu ukulahlekelwa ngumuntu onamava njengaye, obezithobile.
Nabanye ongqongqoshe bezemfundo okubalwa owaseGauteng, uMnuz Matome Chiloane nowaKwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, babhonge emswanini badlulisa amazwi enduduzo.
Bathe bagqemeke ingozi ngoba ubewumbele ogwansile ababencela kuwona ulwazi.
Namaqembu ahlukene ezepolitiki adlulise amazwi okududuza nokushaqeka ngokushona kukaMakgoe.
UMakgoe wazalwa ngoMeyi 12, 1963 eTumahole, eParys.
Wathola iziqu zeBachelor of Commerce e-University of the Free State, neMasters kwiBusiness Leadership e-Unisa.
Wabe esenza ezobudokotela kwezemfundo azithola e-University of Free State.
Uke waba ngumgcinimafa we-ANC eFree State, waba nangusihlalo wosihlalo esiShayamthetho.
Wayengungqongqoshe wezokuphepha ngaphambi kokujutshelwa ekubeni owezimali eFree State. Ngo-2009 wathatha izintambo emnyangweni wezemfundo.
UDukwana uthe babhalele uRamaphosa ngoba bafuna abavumele ukuthi bamfihle njengeqhawe.
Ihhovisi likaRamaphosa lidlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe, lafisela umshayeli wakhe, osinde kule ngozi, ukwelulama okusheshayo. Umengameli uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emindenini yezisulu zengozi edlule nemiphefumulo yabantu awu-19 eLimpopo ngoLwesihlanu.