KUKHUTHAZWE amaphoyisa ukuthi asiqinile isandla uma ebhekene nos’khwiliphambana nobhoko abahlela ukunyomfa ukhetho.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele.
Ukhulume kanje emuva kwezehlekalalo lapho abemboni yamatekisi eThekwini, ePort Shepstone naseMthatha bevale thaqa imiwaqo emikhulu nesibhedlela ngenxa yezikhalazo abebekade benazo.
Ezinye zazo ukushaqwa kwamatekisi abo abathi kwenziwa amaphoyisa omgwaqo ngoba kuthiwa awanazo izimvume zokusebenza.
UCele uxwayise abantu abaphula umthetho wathi bazojeza.
“Zonke izinhlaka eziqapha ukuthula namaphoyisa kumele basiqinise isandla kubantu abasebenzisa indlela efana nalena (yokuvalwa kwemigwaqo nezikhungo). Umsebenzi wamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi uyagcinwa umthetho, akuxoxiswana,” kusho uCele.
Uqhube wathi awufike uqale ngokuthi uvale isiteshi sokuvota, isikole noma isibhedlela bese uthi ufuna kuxoxwe.
Ugqugquzele amaphoyisa wathi awaqale aqinisekise ukuthi uyagcinwa umthetho ngaphambi kokuthi axoxisane nabantu abagila lemigilingwane.
Idolobha laseMthatha belivalwe thaqa embhikishweni okusolakala ukuthi bewuholwa abemboni yamatekisi.
UCele uthe iminyango yabo ivuliwe bewuhlumeni ekutheni kuxoxwe ngezingqinamba zabamatekisi. Uphinde wathi ngeke baxoxisane nabo bephethe izibhamu ngezandle njengoba kwenzekile ePort Shepstone.
“Sinxusa abemboni yamatekisi ukuthi uma benezinkinga, abazikhuulume nathi. Kodwa uma beya emgwaqweni, bephaka impi beyibhekise emphakathini, uMbuso kuzomele ubhekane kanzima nabenza lokho,” kusho uCele.
Uthe kukhona asebeboshelwe lezi zigameko abanye balimala njengoba kukhona nabebekade befuna ukuvala isikhumulo sezindiza saseMthatha.