UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa usephumele obala ngodaba lokuboshwa kwalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
Engxoxweni ayenze nesinye seziteshi zethelevishini, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe, bona sebelindele uMnyango wezokuHlunyuleliswa kweziMilo ukuthi ubatshele ukuthi sebekulungele yini ukwamukela uMnuz Zuma.
“Okwethu kuzoba ukumlanda simhambise ejele ayoqhubeka nesigwebo sakhe,” kuchaza uCele.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo iveze ukuthi uZuma owagwetshwa izinyanga ezingu15 kodwa wahlala ezimbili ejele, waphuma ngokungekho emthethweni ekhishwa uMnuz Arthur Fraiser owayenguKhomishana wamajele ngaleso sikhathi.
Kuvela ukuthi ngokomthetho ukuphuma kukaZuma kwakumele kugunyazwe iMedical Parole Board.
Umholi we-EFF ekhuluma kwiFrank Dialogue, eshayelwa uSolwazi uJJ Tabane, uthe uzame uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa waze wamthola enombolweni yakhe entsha, wamchazela ukuthi kumele asebenzise amandla akhe, athethelele uZuma ngokwe, Presidential Pardon. Uveze ukuthi umkhumbuzile nangenqwaba yabantu abamnyama abadlula emhlabeni ngesikhathi kunokutatshwa ezitolo ngoJulayi.