USONGELE izigebengu ungqongqoshe wamaphoyisa wathi akukho sigebengu esizogila imikhuba bese siyolala endlini sibhekise amadolo phezulu.
UMnuz Bheki Cele uthe akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya kwacweba iziziba.
“Asisusanga-mpi. Ngifuna ukuzithembisa izigebengu sizoyilwa (impi) futhi ngiyazibophezela kulokho,” kusho uCele.
Usho kanje oThongathi, eThekwini ngoMgqibelo emngcwabeni wephoyisa elidutshulwe labulawa lisemsebenzini, uSergeant Sibongiseni Khoza.
Kusolakala ukuthi uKhoza wadutshulwa ebusuku washona enza usebenzi wakhe eSundumbuli.
UCele uzihlangulile wathi akayena umvubeli wempi kepha impi uyifice ikhona futhi akayazi isuswe ubani. Wengeze nokuthi impi ekhona seyikhiphe izidumbu.
Usho kanje wabe ekhomba ibhokisi ebelinesidumbu sikaKhoza wathi ibona ubufakazi.
“Kunempi eliwayo. Le mpi ayiliwa namaphoyisa kodwa iliwa nomphakathi,” kusho uCele.
Uyalele amaphoyisa ukuthi awabafune abathole abasolwa ababli okuthiwa baphunyukile eDesai, eMariannhill ngesikhathi kubulawa ozakwabo abayisishiyagalolunye ngesikabhadakazi ngoLwesithathu.
“Ngiyazifuna lezigebengu ngoba zizovuselela ziphembe. Ziyizinkuni zokuqala phansi (umlilo), cisha phoyisa kungasuki mlilo,” kusho uCele.
Udalule nokuthi akanaso isikhathi sokuyocosha izidumbu zabaphoyisa abulewe izigebengu.
Uthe uma sekucoshwa izidumbu, akungabi ezamaphoyisa futhi izigebengu azinanembeza.
Olunye udaba, ungcwatshiwe uDkt Zamambo Mkhize isidumbu sakhe esatholakala sigxishwe ebhuthini yemoto eMbali, eMgundlundlovu.