UNGQONGQOSHE wamaphoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukhale ngokuhlaliswa ngesinqe esisodwa kwabantu eDesai, eMariannhill, athe bekukade kwenziwa “izinswelaboya” ezibulewe.
UCele udalule ukuthi amacala enzekile, ayamaniswa nababulewe angu-26 aqale ngo-Okthoba 2023.
“Amacala angu-23 bekungawokugqekezwa kwemizi kusetshenziswa indlakadla kuphethwe izibhamu kuthathwe izinto zabantu. Kukhona necala lokudlwengula nawokuzama ukubulala,” kusho uCele.
Mayelana nosekuhlukanise phakathi umphakathi, njengoba kukhona abakujabulele ukubulawa kwabasolwa, abanye bekhala ngesandla esiqinile abathi ngesamaphoyisa, uCele uthe abafana ababulewe bayingozi.
Uqhube wathi kuyaye kuthi uma amaphoyisa eseluqoqile ulwazi, eseyobopha abasolwa, bavele badubule kuqala.
“Uma udedela izulu lezandla emaphoyiseni nawo kumele aphendule ngezulu lezandla. Zitholakele izibhamu ezingekho emthethweni kule ndawo, labantu bebenza ubelelesi obesabekayo,” kucaza uCele.
Uphinde wavakasha emzini wowesifazane okuthiwa waphoqwa abasolwa ababulewe ukuthi abukele ngesikhathi omunye wabo edlwengula indodakazi yakhe eyayina-18 weminyaka.
Kuvele nokuthi abasolwa abane kulaba ababulewe babekade bekhona kugqekezwa lo muzi futhi kudlwengulwa indodakazi yakhona.
Ungqongqoshe uthe uphiko oluphenya izenzo zamaphoyisa i-Ipid iyaphenya ngokwenzekile.
“Ngeke sikuvume ukuthi uma amaphoyisa ezophenya amacala anjengalawa, sibuye sizoqoqa izidumbu zawo. Singamane sithethe amacala ukuthi amaphoyisa aqinise isandla kunokuthi sihambe siyowangcwaba,” kusho uCele.
Ukhale ngezindawo ezisenyakatho nasentshonalanga yeTheku wathi zigubuzelwe ububengu.
UCele uthe usazobuya eDesai ukuzoxoxa nomphakathi futhi uyabona ukuthi isekhona intuthu kule ndawo okuzomele amaphoyisa abuye azoyicisha.
Ungqongqoshe uthe ukubulawa kwamaphoyisa angu-22 ezinyangeni ezintathu zokuphela kuka-2023, kubalwa nelalisophikweni i-NIU kukhomba ukuthi izigebengu azizimisele ukuhlehlela emuva.
“Uma ufuna ubufakazi bokuthi ziyingozi kangakanani izigebengu, yilezi zidumbu zamaphoyisa esizingcwabayo. Umuntu okhala ngokuthi amaphoyisa anesandla esiqinile, okusho ukuthi uma sithamba, sizowangcwaba zonke izinsuku amaphoyisa,“ kusho uCele ethi amaphoyisa adutshulwa ngesikhathi evikela umphakathi nawo.