UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uthe kuyiqiniso ukuthi umphakathi ubuye ungawethembi kahle amaphoyisa kodwa bakhona abantu abawancomayo ngomsebenzi wawo.
UCele ukusho lokhu ngoLwesihlanu eTshwane ngenkathi ethula izibalo zobugebengu zekota yesithathu. Kulezi zibalo kuvele ukuthi isibalo samacala ocansi sehle sisuka ku-15 545 sahlala ku-15 284, okusho ukwehla ngamacala angu-261. Lokhu kuchaza ukuthi ehle ngo-1.7% uma kuqhathaniswa nesikhathi esedlule.
Isibalo samacala okubulala senyukile uma kuqhathaniswa nesikhathi esedlule. Isibalo samacala okubulala abikiwe sisuke ku-7 555 sayohlala ku-7 710, okusho ukwenyuka ngamacala angu-155 okuchaza ukuthi amacala athe ukwanda ngo-2.1%.
Amacala okuzama ukubulala anyukile esuka ku-70 016 afika ku-70 927, okuchaza ukwanda ngamacala angu-911. Lokhu kukhombisa ukuthi enyuke ngo-13% uma kuqhathaniswa nesikhathi esedlule.
Okunye okuqaphelekile wukwenyuka kwamacala okubamba inkunzi ngendluzula, okunyuke kwasuka ku-37 829 kwafinyelela ku-40 331. Lokhu kuveza ukuthi isibalo senyuke ngamacala angu-2 502, okusho ukwenyuka ngo-6.6%.
Abezindaba bacele ukuthi uCele abeke uvo lwakhe ngokwethenjwa kwamaphoyisa emphakathini. Uvumile ukuthi kunenkinga kodwa wathi kufanele kuvezwe zonke izinhlangothi.
“Yebo, kukhona inkinga yokwehla kokwethenjwa kwamaphoyisa futhi ikhona nemibiko eke iphume ezinhlakeni ezehlukene echaza lokhu. Namuhla kodwa kukhona isiteshi esizoklonyeliswa ngomsebenzi omuhle esiwenzayo. Akhona amazambane abolile kodwa bakhona nabashaya into ecokeme,’’ kuphendula uCele.
Uthe kwezinye izindawo umsebenzi wamaphoyisa uyabonakala futhi ayanconywa. Uthe amazambane abolile akhona yonke indawo ngoba bake bethole izibhamu nezinhlamvu emasontweni. Uveze nokuthi phakathi kwabasolwa abahamba izinkantolo kukhona nabathenjiwe abangabafundisi.
Ungqongqoshe uthe kodwa basebenza kanzima ukubuyisa isithunzi sombutho wamaphoyisa. Unxuse ukuthi umphakathi ulekelele amaphoyisa ekulweni nobugebengu.
Isibalo sokubanjwa kwezimoto zemali sehlile sisuka ku-57 safika ku-46, okusho ukwehla ngamacala angu-11.