UMREPHA waseNingizimu Afrika, uCassper Nyovest uzokuba ngezinye zezikhulumi engqungqutheleni yebandla iCovenant Fellowship Church (CFCI) eholwa nguMphostoli Collins Dhlomo.
Le ngqungquthela iqhubeka esakhiweni sebandla esiseThekwini. Izoze iphothulwe ngeSonto ekuseni.
UNyovest wenze i-video enxusa abalandeli bakhe ukuba beze ngobuningi babo kule nkonzo.
"Ngizobe ngiyisikhulumi ebandleni i-CFCI, eThekwini. Ngicela nize nonke nibekhona, kodwa ngizizwa nginovalo oluncane,'' usho kanje.
UDhlomo uthe okudale ukuthi bamsondeze eduze lo mculi ukuthi ubalwa nabanye babaculi abaziwayo kakhulu eNingizimu Afrika.
Uthe njengoba esemukele uJesu njengenkosi nomsindisi wakhe, babone kumqoka kakhulu ukuthi asondele ezokhuluma nabantu abasha bebandla.
Uthe lo mculi ulandelwa yizinkumbi zabantu ngokomculo wakhe. Uma ke esevuma indaba kaJesu lokho kuchaza ukuthi baningi abanye abalandela yena abazobona ukuthi ukukholwa kuyisidingo esikhulu kubantu.
Uthe kuhle ukuthi umculi okuleli qophelo athathe isinqumo sokuthi akhonze uJesu ngokugcwele.