KULINDELEKE ukuthi liqhubeke liqulwe kusasa icala lezinsolo ngenkohlakalo elethweswe obeyiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu- Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu nabanye aboshwe nabo. UMabuyakhulu wazinikela emaphoyiseni ngoFebhuwari 2018, wathola ibheyili kaR50 000. Ngenyanga ezayo kuzobe kuphela iminyaka emihlanu waqala ukuhamba icala.
UMabuyakhulu nabanye baboshelwe ithenda kaR28 million yomcimbi iNorth Sea Jazz Festival, okuthiwa imali yakhokhwa izinkampani zahlukaniselana ngayo kodwa umcimbi wangenzeka.
UMabuyakhulu ngaleso sikhathi ubengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi nezokuVakasha KwaZulu- Natal. Izinsolo eziphambi kwenkantolo zithi uMabuyakhulu wathola imali enguR300 000 eyangena ebhange kuyena, ihambisana nombhalo othi “Ndiyema” okuyisithakazelo sakhe. UMabuyakhulu usazonikwa ithuba lokuchaza kabanzi ngale mali, ukuthi yabe iyisima kanjani.
Bagcine ukuvela eNkantolo eNkulu eThekwini ngo-Okthoba nyakenye. Kulindeleke ukuthi babuyele kusasa. Ngesikhathi begcina ukuvela babekade befake isicelo sokuthi icala lichithwe ngoba kunokubambezeleka okungenasidingo, okudalwa wuMbuso. Inkantolo yasilalela isicelo sabo, kodwa yasichitha yathi icala kufanele liqhubeke.
Ngaphambi kwalokho uMabuyakhulu beke wazama ukuthi icala lichithwe, ezama nokuthi elakhe liqulwe eceleni yedwa, ekhala nangokuthi ufisa kusheshe ngoba limise nse impilo yakhe.
Ukuboshwa kwakhe uMabuyakhulu kumgqeme ingozi engeqiwa ntwala njengoba engakwazanga ukungenela umbango wezikhundla kwezepolitiki njengobai-ANC kade imatasa nezingqungquthela zokukhetha ubuholi ngonyaka odlule. Ngesikhathi eboshwa ukhethe ukushenxa esikhundleni ehlonipha umyalelo wenhlangano yakhe.
Ngaphandle kwecala lezinsolo ngenkohlakalo, uMabuyakhulu uphosela inselelo enkantolo umbiko wekhomishini ebiphenya ukugwamandwa kwamandla oMbuso yidlanzana. Umbiko wekhomishini uyamthinta uMabuyakhulu kodwa akeneme ngezinto eziphume kuwona.