SIBUYELE ekhaya singenamyocu isitshudeni saseBerea Tech obekubikwe ngeledlule ukuthi sekuphele izinsuku sinyamalale endaweni yobumnandi iLondon On 75, Kwa-L KwaMashu.
U-Amile Khambule waseMbumbulu kuthiwa ubuyele kubo ngoLwesithathu ntambama.
Wayekade ehambe kubo ngo-Agasti 3, ethi uya ebanganini bakhe eVerulam.
Ugogo wakhe, uNkk Patience Khambule ekhuluma neSolezwe izolo ukuqinisekisile ukubuya kuka-Amile, wathi umfice ezihlalele ekhaya ebusuku ngoLwesithathu ebuya emsebenzini. UNkk Khambule ubezwakala ukuthi sisamdinile isenzo somzukulu wakhe sokuhamba izinsuku ekhaya engabuyi.
“Ngithe uma ngimfica ngambuza ukuthi uvelaphi, wathi ubesazihlalele ebumnandini. Ingidinile le ngane. Namanje ayikho into etheni esengiyikhulumile nayo. Akuvumi nje ngikhulume naye,” kusho uNkk Khambule.
Uthe akwenza emva kokubuya kwakhe, wamthatha wamyisa esiteshini samaphoyisa eMbumbulu ukuze ayotshela amaphoyisa ukuthi usebuyile kwamathanda nhliziyo.
Uthe wabikela amaphoyisa ngokunyamalala kuka-Amile ngoba ekhathazekile, kwazise izigameko zokunyamalala kwabesifazane ziyathusa kulezi zinsuku.
“Ngangizothini ukungawabikeli amaphoyisa, umuntu engabuyi ngosuku ayethe uzobuya ngalo? Nokho ungifundise isifundo sokuthi uma ephinda elahleka, ngingabe ngisazihlupha,” kusho uNkk Khambule obabaze ukuthi akazi ukuthi umuntu onjani ohlala ebumnandini izinsuku ngezinsuku engagoduki.
Ethintwa u-Amile uphendule ngelithi yena ubengalahlekile, wathi iselula yakhe ebilahlekile.
Ebuzwa ukuthi iselula yatholwa kumngani nje, owathi umnike yona ngo-Agasti 3, maqede wanyamalala, akabange esezwakala ukuthi uphendula uthini, kuhixiza i-network.
Wethembisile ukuthi uzoyiphendula imibuzo Isolezwe elizoyithumela ku-WhatsApp, nokugcine kungenzekanga njengoba ewuzibile umyalezo awuthunyelwe.
Isolezwe lalaziswe umnikazi weLondon, uMnuz Xolani Mabanga ngoLwesine ekuseni ukuthi u-Amile ubuyele ekhaya ephephile.
Ethintwa izolo uthe okubajabulisayo bona ukuthi u-Amile ubuyele ekhaya ephephile ikakhulukazi njengoba imibiko ebisabalele ibithi uduke endaweni yabo yobumnandi.
Uthe imibiko yokunyamalala kwabantu endaweni yobumnandi ibuye ihluphe ngoba uthola ukuthi umuntu usuke engadukile, kodwa ezihlalele, engafuni ukugoduka.