IMEYA yeTheku ikhuthaze izakhamuzi ukuthi ziphume ngothi lwazo zigqoke izimpahla eziluhlaza okotshani zizokwamukela amaBhokobhoko ngoMgqibelo, uma ejikeleza emigwaqweni yedolobha neNdebe yoMhlaba.
UMnuz Mxolisi Kaunda uthe abantu bangalokothi beyokwamukela amaBhokobhoko esikhumulweni sezindisa iKing Shaka International Airport.
Udalule ukuthi nguye noNdunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube kuphela, abazokwamukela amaBhokobhoko esikhumulweni sezindiza.
“Sibonga amaqhawe ethu ngokunqoba le ndebe okwesine. Sizoba ingxenye yomjikelezo wamaBhokobhoko lapho bezobe bekhangisa ngale ndebe yomhlaba,” kuchaza uKaunda.
Uthe uhambo lwamaBhokobhoko oluvuleleke emphakathini luzoqala ngasehhotela elugudle ulwandle eGarden Court.
Kuzoqalwa emgwaqweni u-Aurora Drive, kuyiwe eCentenary Boulevard, kudlulelwe eMhlanga Rocks Drive, kugudlwe ngoKenneth Kaunda Drive.
Kuzodlulelwa emgwaqweni uBlackburn, kungenelwe kuChris Hani Road, bese kugudlwa ngoQueen Nandi Drive bese kungenelwa kuMalandela Road.
Kuzoqhutshekwa ngo-Inanda Road, kwehliwe ngoMngeni Road kubhekwe eRoadhouse Crescent bese kungenwa ngoRiverside Road.
Kuzongenwa kuthelawayeka uRuth First Highway, kwehliwe ngoSnell Parade bese kungenwa enkabeni yedolobha ngomgwaqo u-Anton Lembede (Smith Street), kubuywe ngoDr Pixley kaSeme (West Street) kuyiwe ngasolwandle emgwaqweni uMahatma Gandhi (Point) kuyiwe kuRussel bese beyivala eCity Hall.
Imbiza izobe izwiwa ngothi eThekwini ngalolu suku njengoba kunanemidlalo emibili yama-quarter final endebe iCarling Black Label Knockout enkundleni iMoses Mabhida.
Kuzodudulana omkhaya AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows ngo-7 ebusuku. Kuzovula iRichards Bay ne-Orlando Pirates ngo-3 ntambama.
Ngalo lolu suku enkundleni engumakhelwane naseMabhida, eKings Park Stadium kuzoba nomcimbi iGcwalisa All White Spring Picnic ohlelwe umculi kaMaskandi, uKhuzani Mpungose.
UKaunda uthe banokusebenzisana namaqembu ezemidlalo ebhola lombhoxo, akanobhutshuzwayo nekhilikithi aseThekwini ngoba lokhu kusiza idolobha lizikhangise nasemazweni omhlaba lihehe abavakashi.