USOTSWEBHU omkhulu ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe abazisoli ngokusungula uhulumeni wokubambisana owakhiwe amaqembu ayishumi.
UNtuli uthe bajabule ngomsebenzi owenziwa uhulumeni wokubambisana, wathi amaqembu asebenzisanayo abambisene kahle.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neSolezwe, lapho ebekhuluma khona ngomsebenzi owenziwe uhulumeni wokubambisana ezinsukwini eziwu-100 ezedlule.
“Angiboni kukhona inkinga engenza ukuthi sizisole noma sihlalelwe ovalweni. Kuboniswene kahle. Yebo kuzokuba khona ukushayisana kwemibono ikakhulukazi phakathi kwe-ANC neDA, kodwa ikhona indlela yokuxazulula izinkinga. Sisakwazi ukuba nendlela yokuthi sixoxe, size sivumelane.”
UNtuli uthe kulezi zinsuku eziwu-100 zokuqala kuphethe uhulumeni wokubambisana kukhona okuhle abakubonile.
Ubalule ukungacishwa kukagesi izinsuku eziwu-200 zilandelana nokwehla kulandelana kwentengo kaphethroli.
UNtuli uthe lokhu kuyimiphumela yokusebenza ngokuzikhandla kongqongqoshe abakuhulumeni wokubambisana.
UNtuli ukhale ngokuthi amanye amaqembu abambisene nawo kuhulumeni azama ukuzigqamisa ngezinto ezinhle ezenzeka eminyangweni abayiphethe.
Uthe imisebenzi emihle eyenzeka eminyangweni kahulumeni yaqalwa kusaphethe ongqongqoshe be-ANC.
“Abanye bafuna kube sengathi lokhu okuhle esikubonayo kwenziwe ibona. Iqiniso ukuthi into eqalwe ngongqongqoshe abasha okufanele ibungazwe.”
UNtuli uthe ukubambisana namanye amaqembu kuhulumeni angeke kuyivimbe i-ANC ukuthi ifeze izethembiso eyazenza ngaphambi kokhetho.
“Angeke sihlehle ezintweni esazibophezela kuzona ngesikhathi sibheke okhethweni.”
UNtuli uthe amalungu e-ANC kuhulumeni nasePhalamende kufanele asebenze ngokuzimisela njengoba le nhlangano ingasaphethe ngokuzimela.
“Lesi simo sisho ukuthi akufanele sicwayize. Iqiniso ukuthi akusona isimo esiyisifiso sethu lesi, noma izifiso zabantu baseNingizimu Afrika. Lesi isimo nje esisehlele. Ngakho ke kufanele sisebenze ngokuzimisela ukuze i-ANC izobuyela emandleni.”
UNtuli uthe adlala ngesikhathi sawo amaqembu ezepolitiki asonga ngokuthi uhulumeni wokubambisana uzohlakazeka.
“Abantu abaningi emaqenjini aphikisayo namanje basasho ukuthi sizoxabana. Ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana babeze basinqumele izinyanga ezimbili, bethi sizoxabana ngoba imigomo yethu njengamaqembu abambisene ayifani.
“Ngibona bezimoshela isikhathi laba abalokhu bethi uhulumeni wokubambisana uzohlukana. Laba bantu bakhombisa ukuthi abalithandi izwe. Angiboni ukuthi kuyalilekelela izwe ukuthi silokhu sijikijelana ngamazwi.”