ISILILO izaguga zibuyela emakhaya zilambatha emuva kokuthi zithe mpumpu imali do ezitolo nasePosini.
Izaguga bezishayisana ngamakhanda, zibuzana ukuthi kwenzekeni ngenkece yazo njengoba zingakwazanga ukuyikhipha
Esinye sezaguga esihlala eMawelewele, eSavannah Park, esingathandanga ukudalulwa igama, besikhala mi izinyembezi emuva kokuthi sifike emshinini wokukhipha imali yangaphuma.
Sathi noma sidlulela kwesinye sezitolo, imali sangayithola.
“Mntanami, ngitshelwe ukuthi angibuye kusasa ngoba imali kayikho namhlanje (izolo). Angazi ukuthi yinto engizoyithini lena ngoba kuyimanje anginalutho endlini.
Bengiyohola impesheni yami eChatsworth kodwa sekufanele ngibuyele emuva ngingaphethe lutho,” kusho isaguga.
UNksz Balungile Nkosazana Nxumalo, uthe bavukele KwaMamdekazi, eMariannhill beyokhipha imali kanina, uNkk Cabangani Nxumalo (65) emshinini wokukhipha imali kodwa baxakeka uma ingaphumi.
“Sidlulele esitolo sokudla, sathi sizama ukuyikhipha khona yangaphuma. Siye ePosini lapho sitshelwe ukuthi kufanele siye kwaSouth African Social Security Agency (Sassa) ukuze sizothola ifomu esizoya nalo ebhange, ukuze umama ezohola ebhange,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe unina uphatheke kabi ukuthi akayitholanga impesheni yakhe njengoba ebesenezinhlelo zakhe zokuthi uzoyenzani imali.
Ukhale ngokuthi bekufanele abantu batshelwe ukuthi ngeke iphume imali yabo, uma besahola ngamakhadi anombala wegolide akwaSassa, kunokuthi bayekwe bamoshe imali yokugibela bethi bayohola kanti kayifakiwe imali yabo.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele eposini elisenkabeni yeTheku izolo ntambama, ogogo nomkhulu bebebalisa ngokuthi abazi ukuthi bazobuyela ngani emakhaya ngoba bebethembele kule mali abebezoyihola.
Abanye bebehleli onqenqemeni lomgwaqo, abanye bemi kulayini ngethemba lokuthi basazotshelwa ukuthi imali isikhona.
UNksz Sandy Godlwana, obhekele ezokuxhumana nokukhangisa eSassa, KwaZulu-Natal, uthe imali ifakiwe kodwa abantu abasebenzisa iPost Bank ukuhola abayitholanga imali ngenxa yezinkinga zasePost Bank.
Esitatimendeni iPost Bank ithe inobuhixihixi, obenza abantu bangakwazi ukukhipha imali emishinini yemali nasemishinini yasezitolo.
Ithe abasebenzi bayo basebenza ngokuzikhandla ukuxazulula lobu buhixihixi futhi iyaxolisa ngokuphazamiseka okube khona.
Ithe izobazisa abantu uma sebulungisiwe ubuhixihixi.