BASOLA ukuthi ubulawe ukushumpulwa umphambili owesilisa waKwaDumisa eMzinto, isidumbu sakhe esitholakale emzini abewugada, ngoMsombuluko.
UMnuz Mduduzi Mkhize (42) kuthiwa utholwe umfowabo ephaseji lendlu, izinyawo zakhe zingaphakathi egunjini lokugeza, sekuphele izinsuku ezintathu engabonakali.
Ekhuluma neSolezwe izolo umfowabo, uMnuz Nkanyiso Ngongoma. uthe umuzi okubulawelwe kuwo umufi owezihlobo ezizinze eThekwini ngokomsebenzi, ezazicele ukuthi azigadele wona.
Uthe belungapheli usuku engezanga kubo ezobabona noma ezobheka okuya ngasethunjini.
“Utholwe yimi emva kokuqaphela ukuthi sekuphele izinsuku ezintathu engezi ukuzosibheka ekhaya sinesalukazi sethu njengenjwayelo. Ngithe uma ngifika khona, ngaqaphela ukuthi umsakazo nethelevishini bekukhalela phezulu. Ngimumemezile, lutho ukusabela,” kulandisa uNgongoma.
Uqhube wathi uze waphusha umnyango, wabona ukhiye obujikijelwe kude, wawuqhweba ngenduku, ukuze akwazi ukuvula, angene.
“Ngiqaphele ukuthi umsakazo nethelevishini bekukhushulwe i-volume yaze yafika ekugcineni,” kulandisa uNgongoma.
Uqhube wathi ngaphambi kokuba azithele phezu kwesidumbu sikamfowabo, uqale wakhangwa ngamabhodlela otshwala, amanye esele nobuwuhhafu.
UNgongoma uthe ngesikhathi eqhubeka ngephaseji, uzithele kumfowabo elinyaziwe.
“Ibisekhona impintshisi egcwele igazi, engikholwa ukuthi yiyo esetshenzisiwe ngesikhathi ebulawa. Umphambili wakhe ubungekho, bahambe nawo,” kusho uNgongoma.
Uthe okunye akuqaphele iphuphusi elingatheni ekhanda likamufi, athe akakholwa ukuthi libe nomthelela ekufeni kwakhe.
Uthe abanalo ulwazi lokuthi ubulawe nini phakathi kwalezi zinsuku angezanga ngazo ekhaya baze banquma ukuyombheka.
Uthe okunye okubadidayo ukuthi yisiphi lesi sitha abesenaso, esikhethe ukumbulala ngesihluku esingaka njengoba bemazi njengomuntu ongesona isixhwanguxhwangu.
“Akasiye nomuntu okhonze abantu noma abangani. Ubezikhonzele ukuchitha isikhathi nathi siwumndeni, engesilo novanzi. Manje siyadideka ukuthi ubani lo omenzakalise ngesihluku esinje, edinwa yini?,” kusho uNgongoma.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mandlenkosi Phungula, lithe umphakathi usovalweni njengoba sikhona esinye isigameko esicishe sifane nalesi esenzeke emasontweni amathathu edlule.
“Nakuso kwangenelwa umuntu endlini, wabulawa, wakopolotwa amehlo. Nakuso kwaficwa umsakazo ukhalela phezulu, kusho ukuthi lo muntu usuke engafuni kuzwakale abagilwa bekhala. Umphakathi ukhathazwa ukuthi awazi noma indawo isinomalugaju yini,” kusho uPhungula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseSawoti aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokusokutholwa kowesilisa ebulewe ngoMsombuluko.
“Isidumbu sikamgilwa sitholwe phansi egumbini lokugeza,” kusho Netshiunda.