KUDUMA ikhanda emndenini wakwaZuma eMakholweni, eMbumbulu, kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe unkosikazi wakhona ngoMsombuluko.
UNkk Mephi Thembelihle Zuma (48) kuthiwa udutshulwe ngamadoda amabili angaziwa, agasele emzini wakhe ngezikhathi zasemini ehamba ngemoto encane.
Indodana kamufi, uMnuz Phumelela Zuma, uthi nakuba ejwayele ukuhlala nonina ngezithuba zasemini, ubesaphumile ngesikhathi kwenzeka umshophi.
“Ngiphume ngiyobheka ubaba emgwaqweni osendaweni njengoba ebefelwe yimoto khona. Mina nabanye ebesihamba nabo besiyozama ukumsiza kanti kuzosala kuhlaselwa umama,” kusho uZuma.
Uthi usizwile isibhamu sisho kaningi kodwa wanganaka ngoba indawo yaseMbumbulu idume ngokuhlale ikhala inhlamvu vele.
Uthi uyibonile imoto encane ibaleka emva kwesikhashana kuqhume isibhamu kodwa akazange anake ngoba ubengazitsheli ukuthi ufanele agxile kuyo.
“Ngithe sengibuya sengizithela phezu kwesehlakalo, omakhelwane bangitshela ngemoto efanayo, ebengiqaphele isivinini esiphezulu ebihamba ngaso kulandela ukuqhuma kwesibhamu, ukuthi yiyo engene ekhaya isikhashana, kwaqhuma isibhamu, yase iphuma ngesivinini,” kusho uZuma.
Uthi akukho okuthathwe ngabasolwa kunina okukhombisa ukuthi bebengazile ukuzophanga kodwa bebenenhloso yokumbulala kuphela.
“Bamdubule ngezinhlamvu eziyisishiyagalombili, kusobala ukuthi bebemfuna efile,” kusho uZuma.
Uveze ukuthi unina ubengasebenzi ndawo kodwa ewuhlobo lomuntu wesifazane ozamayo ukuziphilisa ngalokho okuncane akutholayo.
“Siyabufuna ubulungiswa, babanjwe abenzi bobubi ngoba asazi ukuthi umama ubenzeni ukuthi usengaze abulawe kabi kanje,” kusho uZuma.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulawa komuntu esiteshini samaphoyisa eMid-Illovo eliphenywayo.