UMDLALO wabangani abebedlalisana ngesibhamu izolo egaraji likaphethroli eNquthu uphethe ngezinyembezi, kulala izidumbu zabo bobabili.
Kulesi sigameko esenzeke egaraji lakwaTotal kuthiwa kushone uMnuz Bonginkosi “Mtshiki” Mazibuko (31) waseHlathi Dam edutshulwa umngani wakhe weminyaka, uMnuz Mxolisi “Koyi” Msimango (41) waKwaLuvisi, ophethe ngokuzidubula naye wafa.
Kuthiwa imindeni yabo, ifike endaweni yesehlo isidumbu sikaMsimango silele phezu kwesikaMazibuko.
Uyise kaMazibuko, uMnuz Bhuza Mazibuko uthe batshelwe ukuthi abafi baqale badlalisana ngezimoto abebehamba ngazo. Uthe indodana yakhe ibihamba ngemoto encane, uMsimango ehamba ngetekisi, ebinabagibeli phakathi.
“Bathe uma beqeda ukudlalisana ngezimoto, lona owami waya kumngani wakhe wamcela ukuba amuphe imali. Kuthiwa ubesho kanje ebe emdlalisa ngokuyithatha. Kuthiwa umngani wakhe, uphendule ngokuphakamisa isibhamu, ebuza indodana yami ukuthi iyayazi yini le nto,” kusho uMazibuko.
Uthe ingaleso sikhathi isibhamu sivele sadubula indodana yakhe esiphongweni. “Sibona ukuthi isibhamu somngani besikhokhiwe kodwa yena enganakile. Iyona yodwa into engadala ukuthi kusheshe kuphume inhlamvu ilimaze umuntu,” kusho uMazibuko.
Uthe kuthiwa, esebona ukuthi wenze umonakalo, uphumile etekisini, wabona ukuthi umngani wakhe udubuleke ngempela, wamnyakazisa, embiza, ekhala, wangabe esaphendula.
“Yilapho okuthiwa naye uvele wasale esezidubula kanye endlebeni, wawela phezu kwendodana yami,” kusho uMazibuko.
Uthe bayakholwa ukuthi lona kube umdlalo phakathi kwabangani ovele waba nesiphetho esibi.
“Simjwayele kakhulu lo mfana. Akasiye umuntu onodlame, ukhonze ukuzixoxela nje ngomoya ophansi futhi. Lokhu okwenzekile kube ukudlalisana okuphethe ngezinyembezi,” kusho uMazibuko.
Uthe ibilinganiselwa kwengu-10 iminyaka laba bangani bazana, kusuka besasebenza ndawonye khona embonini yamatekisi.
Uveze ukuthi ubungani babo bebubuhle ngoba baqhubekile nokuzwana ngisho indodana yakhe isishiyile ematekisini.
Uphethe ngokuthi nomndeni wakhe bese unobudlelwano nomngani ngoba bekuthi njalo uma befuna ukuqasha itekisi uma benohambo oluthile, babize yena ukuthi azobasiza.
Umalume kaMsimango, uMnuz Themba Msimango naye uhambe emazwini kaMazibuko, wathi abashonile bebe ngamathe nolimu.
“Abangani obungeke ukwazi ukubahlukanisa. Ukube bekushone oyedwa ngandlelathile, omunye bekuzothiwa akakhulumele abangani emngcwabeni womunye. Bebezwana ngaleyo ndlela,” kusho uMsimango.
Ngesikhathi ethola ucingo obelumbizela endaweni yesigameko, uthe akachazelwanga ukuthi umshana wakhe ubulale umngani, kuvele kwathiwa uzidubulile.
“Ngingakafiki endaweni yesigameko bengihambe ngizibuza ukuthi ngabe yinile engaka ebese imkhathaza ukuthi usengaze azidubule. Kuvele kwaphela nasozwaneni uma sengifica izidumbu ezimbili zidindilizile, umshana wami kuthiwa uyena isizathu,” kusho uMsimango.
Ikhansela lendawo, uMnuz Jerry Khoza liphawula ngesigameko lithe sishaqise wonke umuntu, lakhuza umhlola wokudlala ngezikhali.
“Kuyinto embi ukudlala nikhombane ngezibhamu nangemimese. Kube kubi kakhulu ukuthi kuphethe ngokufa kwabo abangani,” kusho uKhoza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseNquthu aphenya icala lokubulala nelokufa komuntu kulandela isigameko esenzeke izolo egaraji likaphethroli.
“Kuthiwa owesilisa (41) ubehlisa abagibeli ngesikhathi ehlangana nomngani wakhe(31) bathi ukuxoxa kancane. Ngesikhathi bexoxa, kuqhume isibhamu sadubula oneminyaka engu-31. Esebona umonakalo, oneminyaka engu-41, uvele wazidubula naye,” kusho uConst Ngcobo.