UMNDENI ufuna aboshwe owesilisa okuthiwa udubule wabulala umngani wakhe edinwe ukuthi ukhulelise udadewabo.
Umndeni wakwaShongwe eMlaza uthe usathukile ngokubulawa kwendodana yawo okuthiwa idutshulwe ngumngani owusibali obecikwe ukuthi ukhulelise udadewabo.
USizwe Brian Shongwe (28), obeziphilisa ngokufaka ama-tiles, kuthiwa udutshulwe ngumngani wakhe ngoMgqibelo ephuma entombini yakhe.
Obehamba nomufi ongeke adalulwe ukumvikela, utshele leli phephandaba ukuthi umufi ubehambisele intombi yakhe iKFC nesiphuzo esibandayo kubo kamsolwa.
"Ufike wanikeza intombi yakhe lezi zinto, bathi ukuxoxa kancane sase siyahamba. Sithe sisenyuka ngomgwaqo, siphuma kubo wentombi yakhe, sahlangana nomfowabo wentombi kamufi. Wabuza umufi ukuthi wenziwa yini ukuthi amjwayele kabi. Angazi ukuthi umufi uphendule wathini kodwa umfowabo wentombi yakhe umphushile kanti indawo yimbi, iyashibilika wawa. Uthe evuka umfowabo wentombi ubesekhiphe isibhamu, wase ezama ukubaleka kodwa wamdubula emhlane. Angazi ukuthi emva kwalokho kwenzekeni ngoba nami ngibalekile," kusho yena
Umalume kamufi, uMnuz Spha Ngiba, uthe umufi ngesikhathi ebaleka uze wafika egcekeni lakubo kwentombi yakhe.
"Ngokuzwa kwami, intombi yakhe nabebekhona bazamile ukumtholela usizo kodwa waphelela ezandleni zentombi yakhe. Asazi ukuthi umufi nosibali wakhe bebebangani ngaphandle kokuthi ubedinwe ukuthi ukhulelise ingane yakubo. Okubi ukuthi isenzo sakhe sesiphuce ingane engakazalwa umzali obezoyondla nomuntu obondla umndeni wakhe. Unina wengane ufunda ugrade11, ukhuliswe wugogo. Asazi ukuthi ingane isizokondliwa ngubani ngoba bekuzoba ngcono uma uyise ekhona," kusho yena.
Uthe ngokuzwa kwakhe bebengaqali ukuxabana bebanga kona ukuthi ukhulelise udadewabo.
"Lolu daba belungalungiswa ngenye indlela kunokuthi kubulawe umuntu. Umuntu obulala umuntu ngale ndlela uyingozi, asazi ukuthi yini asazoyenza kule ngane esesesiswini sikanina. Sifisa ukuthi amaphoyisa amfune aze amthole ukuze kuvikeleke nengane engakazalwa," kusho uNgiba.
UCol Robert Netshiunda, okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kowesilisa oneminyaka engu-28, okusolwa ukuthi ukhulelise owesifazane wakubo kamngani wakhe.
Uthe lesi sigameko senzeke emgwaqweni uSdeku Hadebe esigcemeni sakwa-F eMlaza ngoMgqibelo ebusuku. Umsolwa akakaboshwa.