SIYINDABA egudwini kubantu baseMorningside, eThekwini, isenzo sowesilisa okuthiwa ugwaze wabulala intombi yakhe ethi kayisamhloniphi.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, lo wesilisa kuthiwa ube nengxabano ebikade ishubile kakhulu nentombi yakhe.
Kuthiwa akabuzanga lutho, uvele wamngenela ngommese uNksz Dima Phohlo Mofokeng (32) emsola ngokungamhloniphi.
Kuthiwa umgwaze amanxeba amathathu emqaleni wathulela khona endlini yendoda eMorningside.
Kuvela ukuthi indoda yaziwa njengomuntu onenhliziyo encane futhi engazwani nento ebhedayo.
Bebengenazo izingane bobabili kodwa umthombo uthi ngesikhathi luqala uthando lwabo kwakumnandi kakhulu.
“Izinto zibuye zashintsha ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yokuthi lo wesilisa ubeseshintshile naye. Ubengasafani nalo muntu owabe enguyena ngesikhathi beqala ukuhlangana nomufi,’’ kubeka umthombo.
Kubikwa ukuthi kukhona isikhathi lapho khona umufi ake atshela khona asondelene nabo ukuthi lo wesilisa useshintshile futhi usenolaka olusabisayo.
Noma kunjalo umthombo uthi umufi ubesamthanda kakhulu yingakho nje eqhubekile wathandana naye.
“Nathi besingazitsheli ukuthi sekukubi ngaleyo ndlela yokuthi sekungaze kube khona isidumbu okuthiwa siyaphuma nje impela,’’ kusho umthombo.
Umthombo uveze ukuthi lo wesifazane ungowaseNewlands West ngokuhlala kodwa eMorningside ubevakashele isoka lakhe leminyaka.
Kuthiwa bekuyinto ejwayelekile ukuthi umufi avakashele isoka lakhe emzini walo ikakhulukazi uma kuzoba yizimpelasonto.
"Bona besekunesikhathi eside impela bethandana. Besingazi kodwa ukuthi into yabo ingaphela kabuhlungu kangaka."
Umthombo uthe ngaphambilini isoka lake lakuveza kwabanye elisondelene nabo ukuthi angeke lihlukane nomufi, kungamane kuphume isidumbu.
“’Asazi ngempela ngoba nasi-ke sesigcine siphumile isidumbu,’’ kusho umthombo.
Lo wesilisa kuthiwa uqede ukumbulala umufi wahlala walinda amaphoyisa ukuba azomlanda. Kuyimanje umthombo uthi utoke eWestville.
Umufi ubesesigungwini esilawula ukuphathwa kwezemidlalo eNewlands West.
Sikhulu isililo ngokubulawa kukamufi njengoba abaningi bemchaza njengowesifazane obenobuhlakani.
UMnuz Bongani Bophela, obekanye naye kule nhlangano, uthe bafe olwembiza ngokudlula emhlabeni kukamufi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kusolakala ukuthi owesilisa oneminyaka ewu-45 ugwaze wabulala owesifazane obemvakashele endlini yakhe eMorningside.
Uthe umsolwa uboshiwe, kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze nje.