BABABAZA isihluku esikhonjiswe owesilisa waseNgudwini, eMkhuze, okuthiwa ushaye indodakazi yakhe wayibulala, wayigqiba ethuneni elingashoni eyisola ngomjolo.
Isidumbu sikaNokubonga Nothando Hlatshwayo okuthiwa bese sinephunga elingabekezeleleki sitholwe yizinja zamaphoyisa egcekeni kubo ngeSonto.
Kuthiwa wagcina ukubonakala ngoMsombuluko odlule, ekade ebuya esikoleni iSidingimfundo lapho abefunda khona uGrade 9.
Ngokusho kukagogo wakhe, uNkk Thembisile Myeni ohlala eMange khona eMkhuze, umsolwa ubengavumi umufi abavakashele.
Uthe baqale ukuthola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoLwesine olwedlule ngesikhathi bethelekelwa amaphoyisa ehamba nenduna yaseNgudwini.
“Amaphoyisa afike angilandisa ngokunyamalala kwakhe, athi azobuza ukuthi akekho yini ngapha. Ngalandula ngoba bese kunesikhathi eside ngagcina ukumbona njengoba uyise ubengamvumeli ukuthi asivakashele,” kusho uNkk Myeni.
Uthe ngesikhathi bemtshela ngodaba, bathe umfowabo (11) ufike esikoleni elimele ngoLwesibili olwedlule.
“Kuthiwa uqambe amanga wathi ulinyazwe yibhayisikili ngoMsombuluko uma abangani bakhe bembuza ukuthi ulinyazwe yini,” kusho uNkk Myeni.
Uncome ubuhlakani bezingane zincane, athi emva kokungayikholwa into ebeziyitshelwa umngani wazo, zifike emakubo, zatshela abantu abadala ukuthi umfowabo kamufi ulimele ngendlela engaqondakali.
“Umzali walezi zingane uyinduna endaweni. Usukumele phezulu uma ezwa lokhu, wanikela khona kubo kamufi. Wafica umfowabo ehleli yedwa, umufi engekho noyise engekho,” kusho uNkk Myeni.
Uthe emva kokuhlala nomfowabo kamufi isikhathi eside emncenga ukuthi akhulume iqiniso, ugcine esho ukuthi udadewabo umgcine ngayizolo (ngoMsombuluko) ngesikhathi beshaywa uyise.
Uthe uyise ubesola umufi ukuthi useyajola.
“Induna ilulandelele izinsuku ezimbili udaba (uLwesithathu noLwesine) lapho kuvele khona ukuthi nangaleso sikhathi umufi ubesadukile futhi elovile nasesikoleni. Induna inikele emaphoyiseni nokuyilapho begcine bonke beza kwami bezobheka ukuthi akekho yini ngapha umufi,” kusho uNkk Myeni.
Uthi emva kokulandula, umphakathi uphume inqina ufuna umufi.
“Ufunwe ngoLwesine, uLwesihlanu noMgqibelo, engatholakali. Umphakathi ube usucela amaphoyisa ukuthi alethe izinja ezithungatha umkhondo ngephunga ukuba zizolekelela. Nangempela azilethe ngeSonto, nokuyilapho zimthole khona egqitshwe ethuneni elingashoni egcekeni lomuzi kamsolwa,” kusho uNkk Myeni.
Echaza isimo sakhe, uthe umzimba ubuluhlaza wonke, kukhombisa ukuthi ubeshaywa, kuphuma igazi ngomlomo nangamakhala, iso beliphumele ngaphandle.
“Amthathile amaphoyisa ngesikhathi efika ekhaya. Kuthiwa ubevela emsebenzini. Indaba ibisiyaziwa emphakathini, amaphoyisa awucela umphakathi ukuthi uma umbona efika, ungamthusi, kodwa ubize amaphoyisa,” kusho uNkk Myeni.
Uchaze umsolwa njengesilwane, athe akafisi ukuphinde asibone emphakathini. Uthe kuphela amagama uma ezama ukucabanga isihluku asenze kumzukulu wakhe.
Uthe sonke lesi sikhathi engavumi ukuthi abavakashele, bebezitshela ukuthi ingoba emthanda, efuna angasuki emehlweni akhe kodwa isigameko sakha esinye isithombe sokuthi ubengubaba ohlukumezayo.
Unina kamufi kuthiwa uhlala eMpangeni ngenxa yomsebenzi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMkhuze aphenya icala lokubulala emva kokutholakala kwesidumbu ebese siqala ukonakala sobekubikwe ukuthi unyamalele.
“Isidumbu sakhe sitholwe ethuneni elingashoni ngoFebhuwari 5. Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kowesilisa oneminyaka engu-33 ngosuku okutholwe ngalo isidumbu. Useke wavela eNkantolo yeMantshi yasoBonjeni,” kusho uConst Ngcobo.