UNGOTI wezamasiko nowezepolitiki bathi ukhumbintethe lwabantu oluphelezele uNdunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, nobunigi bezinhlelo kukhombise ukuthi ubenogazi kwabaningi.
Inkonzo yokuphelezela uButhelezi ibihanjelwe yizinkulungwane zabantu obekukhona kubo nabantu abaqhamuka emazweni angaphandle.
Lokhu kwenzeka nje, abanye abahlaziyi bagxibhe umlando kaButhelezi emva kokukhothama kwakhe.
Ungoti wezamasiko uthe kungokokuqala ukuba isizukulwane sikaZulu esiphilayo sibone umngcwabo walolu hlobo. UMasipala wasoLundi uthe bekuqala ukuthi leli dolobha lihanjelwe ngabantu abaningi kanje kanti umhlaziyi wezepolitiki yena uqhathanise inkonzo yokuphelezela uButhelezi nomngcwabo wowayengumengameli, uMnuz Nelson Mandela.
UButhelezi utshalwe ngoMgqibelo ebusuku emadlinzeni asekhaya emva kwenkonzo yokumphelezela ebisenkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu Buthelezi Stadium, oLundi. Inkundla ibigcwele phezulu.
Ungoti wezamasiko oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Sihawukele Ngubane, uthe ukutshalwa kukaButhelezi kube ingqophamlando.
“Lesi sizukulwane esikhona kungokokuqala ukuba sibone umfihlo okuleliya zinga. Mhlawumbe wake waba khona ngaphambili kodwa kungokokuqala kulesi sizukulwane. Bekuqala nokuthi kube nomfihlo odonsa isikhathi eside kangaka njengoba uqale ngo-8 ekuseni waze waphela ngo-8 ebusuku.”
UNgubane uthe kusho lukhulu ukuthi inkonzo yokuphelezela uButhelezi ihehe izinkumbi zabantu yize ibisedolobheni elincane.
“Leli yidolobha elakhiwa nguye uButhelezi. Kusho ukuthi wayezakhela yena.”
UNgubane uthe ukugcwala kwabantu oLundi kubuyisa isithunzi sikaZulu esalahleka mhla abamhlophe beshisa isigodlo sasoNdini.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe umngcwabo kaButhelezi ungeminye yemingcwabo emikhulu esesike yaba khona kuleli.
“Ngingathi nje ulandela emva kokuMandela ngobukhulu.”
UKhumalo uthe ukuphuma ngezinkani kwabantu kukhombisa ukuthi uButhelezi ubethandwa ikakhulukazi ngakubo.
“Kusho ukuthi ubebanakekela abantu bangakubo. Lesi isifundo nakwabanye osopolitiki abasebancane.”
Lo mcimbi ukumise nse ukusebenza kwedolobha lasoLundi.
Kusukela kwamenyezelwa izindaba zokukhothama kukaButhelezi bekuhlezi kumatasa kuleli dolobha njengoba bekubonakala izimoto zohlobo oluphambili zehla zenyuka.
IMeya yoMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, ithe bekungokokuqala ukuba kube nabantu abaningi kangaka oLundi.
“Ihlezi iba khona eminye imicimbi emikhulu oLundi kodwa besiqala ukuthi sibone abantu abaningi kanje. Kusukela ngoLwesithathu, izindawo zokuhlala bezigcwele, abantu baqale namhlanje (izolo) ukuphuma.”
Umcimbi uhlanganise abantu abaqhamuka emikhakheni eyahlukene njengoba bekukhona amabutho, abaholi bamaqembu ezepolitiki, osomabhizinisi nosaziwayo.
Phakathi kosopolitiki abebehambele umcimbi kaButhelezi bekukhona ababengomengameli, uMnuz Thabo Mbeki, Kgalema Motlanthe, Jacob Zuma, owayengumengameli waseNigeria, uMnuz Olusegun Obasanjo, umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen nomholi we-UDM uMnuz Bantu Holomisa.
Osomabhizinisi abebekulo mcimbi bekukhona kubo isiqumama, uMnuz Patrice Motsepe nezimpunyela zwaka-Oppenheimer.
Bekukhona nabaNtwana baseNdlunkulu nondlunkulu.
NgoMgqibelo kuvulwe ngenkonzo ebiphethwe u-Archbishop Thabo Makgoba, oyinhloko yamaSheshi emazweni ase-Afrika eseNingizimu.
Emva kwalokho, kube sekuqala uhlelo lukahulumeni, lapho umengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ethule khona inkulumo yosuku.
Abaphathi bohlelo bathwale kanzima ukulawula abantu njengoba amabutho, amalungu e-IFP, amasosha nohulumeni bonke bebefuna indawo yabo.
Amalungu e-IFP abebuye aziculele izingoma eziqhakambisa iqembu labo ngesikhathi kuqhubeka izinkulumo.
Lokhu kwenzeke kakhulu ngesikhathi kukhuluma labo abaqhamuka eminyangweni kahulumeni.
Namabutho abelokhu ekhalazile ngokuthi umcimbi awuphethwe yiwo.
Uhlelo lwamasosha luphazamisekile njengoba amabutho eshaye indiva umyalelo wokuba wonke umuntu athule ngesikhathi kuqhubeka le ngxenye yohlelo. Amabutho avele akhuza iziqubulo, aviliyela enkundleni.
Emva kokuphela kube sekuyiwa emadlinzeni asekhaya, lapho uButhelezi afike atshalwa khona.
Kushintshe izulu, kwaba nomkhizo nenkungu ngesikhathi sekwehliswa ibhokisi likaButhelezi. Emini belikade libalele ngesikhathi kuqhubeka inkonzo.
Kube umunyu ngesikhathi amalungu omndeni esemvalelisa okokugcina, egcina amasiko afana nokuthela inhlabathi. Abaningi bahlulekile ukuzibamba, bakhala.
Emva kokuthi sekwehliswe ibhokisi umndeni ube usucela abezindaba ukuba bahambe ukuze uzoqhuba amanye amasiko.
Izolo, bekuzothile KwaPhindangene njengoba bekuwusuku lokuqala emva komngcwabo, beqala impilo ngaphandle kukaButhelezi.
Omakhelwane bebesabonakala bengena kwaButhelezi, beyokwelekelela ukuqoqa egcekeni kodwa bezingaseningi izimoto ebezibonakala zingena ekhaya.
Abantu abebehambele inkonzo baqagulwa ukuthi bangaphezu kuka-23 000 enkundleni. Izinkomo ezinikelwe zingaphezu kuka-300
AbezeMvelo banikele ngezindlulamithi ezimbili nezimpala eziyisithupha
Uhlelo lomgcwabo ludonse ngaphezu kwamahora ayisithupha