BAHLELI lubhojozi abantu baKwaDlangezwa eMpangeni abathi izigebengu zizenzela umathanda, zingena ezindlini zibambe inkunzi zibuye zidlwengule.
Lokhu kuvezwe yilungu lomphakathi elicele ukuthi igama lalo lingadalulwa ngokwesabela impilo yalo.
Lithe izigebengu zingena ezindlini zigcweleze abantu, kokunye zibahlasele bezihambela emgwaqweni.
Liveze ukuthi kubo, izigebengu zingene kabili esontweni elilodwa zadala umonakalo ogcine udlula nomphefumulo womuntu, kwaba khona nodlwengulwayo.
“Ngo-Ephreli 4, zingene zashaya ilungu lomndeni ngensimbi, lashona ngoLwesihlanu,” kusho ilungu.
Lilandisa ngokwenzeke ngosuku lwesigameko, lithe abasolwa bakhahlele isicabha sendlu kamufi maqede zambamba zambopha ngentambo, zamvala umlomo nge-salotape.
“Ziqoqe yonke impahla endlini, maqede zamqhuba ukuthi aye endlini elala ugogo. Nakhona zifike zamshaya ugogo zifuna ngodli imali, zazama nokumdlwengula,” kusho ilungu.
Liqhube lathi umufi uhlaselwe khona lapho, washaywa ngensimbi ekhanda, walimala.
Udalule ukuthi nasendlini elala ugogo ikhona impahla ethathiwe.
Uthe umufi nakuba eyisiwe emtholampilo kodwa akalaliswanga, watishwa wadedelwa.
“Sibona ukuthi waba mkhulu umonakalo wokushaywa ngoba uvele wathulela embhedeni lapho abethi usazohlala khona izinsukwana ngenxa yokwanda kwezigameko zobugebengu,” kusho ilungu.
Eqhubeka uveze ukuthi ngoMashi 31, kudlwengulwe ilungu lomndeni elineminyaka engu-14, kwathi elinye lahlukunyezwa ngokocansi.
Kulesi sigameko, kuthiwa abagilwa babelele bodwa endlini enkulu ngesikhathi amanye amalungu omndeni esilisa asekhulakhulile, elele ezindlini zawo ezingaphandle.
“Babona ngabantu sebegcwele indlu, bebasabisa ngommese nangesibhamu abebekuphethe, bebatshela ukuthi uma beke bathi nkente, bazobabulala,” kusho ilungu.
Lithe nakulesi sigameko kuphinde kwathathwa nezinye izimpahla.
Liveze ukuthi bafuna kungenelele izinhlaka ezilwa nobugebengu nenkosi yendawo, ukuze kwehle ubugebengu.
Kwenzeka lokhu nje nezitshudeni zaseNyuvesi yaseZululand (Ongoye) nazo zihlaliswe lubhojozi yizigebengu ezibizwa ngamadabuka ezeba kwasani.
NgoLwesihlanu kubulawe obeqapha imiqasho okuhlala kuyo izitshudeni, kwabulawa lona wesilisa, kwebiwa ama-laptop namaselula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMthunzini asebophe owesilisa (43) ngecala lokugqekeza, elokudlwengula nawokuhlukumeza ngokocansi.
“Uvele ngo-Ephreli 2, icala lahlehliselwa u-Ephreli 9. Idokodo lidluliselwe ophikweni oluphenya amacala odlame lwasekhaya, ukuvikeleka kwezingane namacala ocansi eMpangeni,” kusho uNetshiunda.