UCHWEPHESHE wezokuxhumana kwaVodacom utshele inkantolo ukuthi inombolo yocingo kammangalelwa, ongumyeni wowesifazane owashiswa nemoto emathuneni, yayikade idonsa budebuduze nendawo abulawelwa kuyona umufi.
UMnuz Tsholanang Golele ubekade ethula ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesithathu, ecaleni lokuthumba, elokubulala nelokucekela phansi impahla elibhekelene nommangalelwa, uMnuz Sifiso Ndlovu.
UNdlovu usolwa ngokushisa nemoto inkosikazi yakhe, uNkk Khulukazi Ndlovu (39) emathuneni aseMolweni, ngo-Ephreli 3, 2020.
UGolele uphinde wadalula ukuthi amarekhodi abo aveza ukuthi inombolo kaNdlovu yayikade iqale yashayela ekamufi amahlandla amaningi ezinsukwini ezandulela abulawa ngalo.
Uthe ngoMashi 31, inombolo yocingo kaNdlovu yashayela ekamufi amahlandla awu-34. Ngosuku olulandelayo kawu-23, kwathi ngo-Ephreli 2 okuwusuku umbuso othi kwathunjwa ngalo umufi, yashaya kawu-24.
Umshushisi u-Advocate Thabani Buthelezi uthe amarekhodi akwaVodacom aveza nezindawo zesigameko eziyisithupha eziseMachobeni, eNanda, neziseNdwedwe okuyiseNhlangakazi naseMakhuluseni.
UButhelezi uthe izindawo nezikhathi okwakudonsa khona iselula kammangalelwa emibhishongweni yakwaVodacom, kufana ncamashi nokwethulwe wufakazi we-car track ngemoto kaNdlovu ngosuku lwesigameko.
Ummeli kaNdlovu uzamile ukuphica ngemibuzo uGolele, obephendula ngokukhulu ukuzethemba ogcine efaka isikole ecobelela ngolwazi lommeli ukuthi isebenza kanjani imibhoshongo nezokuxhumana.
Njengenjwayelo, uNdlovu ubethule du ebhokisini lofakazi elokhe entshontsha ngeso ufakazi. Ubekade ewuqondanisile ukotini, egqoke iyembe elimhlophe, ibhande nebhulukwe okumnyama nezicathulo ezimeshayo.
Izihlobo zikamufi zikhombise ukushaqeka ngesikhathi zizwa uGolele edalula izikhawu inombolo kaNdlovu eyayikade ishayela ngazo ekamufi ngaphambi kokuthi abulawe.
UMbuso uthi laba abaganene babe sebehlala ngokwehlukana futhi besezinhlelweni zokudivosa.
Kuthiwa umufi wayekade esethandana nowesilisa owayekade esebenza noNdlovu, okuyinto okubikwa ukuthi yamthukuthelisa kakhulu ummangalelwa.
Kuvela ukuthi waze wamphuca imoto ayekade emthengele yona kodwa umufi nesoka lakhe bathenga entsha iKia Picanti okubikwa ukuthi wangqongqiselwa kuyona.
Icala liyaqhubeka.