ULAHLWE elakubo owesifazane oboshwe ngamaphoyisa ehamba nabasolwa ngokuba yizinkabi ngeSonto ntambama, okuthiwa bebesanda kubulala unina kamnakwabo obekade elotsholwa emini eHlathikhulu, Estcourt.
Kulesi sigameko kudutshulwe kwabulawa uNkk Khombisile Ester Zuma (63) egcekeni emva kokugasela kwabasolwa.
Ngokusho kwendodakazi kamufi, uNksz Nosipho Mazibuko, unina uhlaselwe ehleli nabanye omakhelwane ebebesaziphuzela u-isiZulu emva kwezingxoxo zamalobolo.
Uthe bese kuhwalele ngesikhathi bezwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu ngasesangweni.
“Mina nodadewethu nezingane besizijabulele, siwasha izitsha ekhishini. Umama nomakhelwane abathathu bebehleli kwenye indlu, umama elinde ukuthi baqede isizulu bagoduke, bese naye eyolala,” kusho uNksz Mazibuko.
Uthe bashiye phansi konke bahamba bayovala umnyango maqede bacasha.
Uqhube wathi kuphele imizuzwana, bezwa oyedwa wabasolwa ethi kwabanye, “Uyalandula lo mama uthi uZinhle akekho lana futhi uthi akukho mali yamalobolo.”
“Sizwe owesifazane ephendula ethi ‘Letha lana isibhamu ngiyidubule mina le nja.’ Emva kwalokho sizwe ukuqhuma kwesibhamu, sesizwakala ukuthi sisho enyameni,” kuchaza uNksz Mazibuko.
Uthi ngaleso sikhathi bona bebematasa beshayela ucingo omakhelwane bebatshela ukuthi abasondele nganeno ngoba bahlaselwa abantu.
Uthi kuphele imizuzu engu-30 bafika abanye omakhelwane nokuyilapho bephume bayobheka, bamfica edindilizile unina, ephuma igazi ngamakhala nangezindlebe.
Lo wesifazane udalule kuthi balandiswe abebekade behlezi nonina endlini ukuthi kungene owesilisa osemncane, wafike waqale wazicelisa ukuphuziswa utshwala.
Abebesendlini bamtshele ukuthi sebuphelile, waphendula ngelithi bayamncisha.
Le ndoda kuthiwa iqale yabuza obekade ezolotsholwa, nokuthe uma bengayiphenduli yase ifuna ngoshova imali yamalobolo nakhona balandula.
Umufi kuthiwa usukume waphumela ngaphandle wathi usayolanda imbazo kwenye indlu base bezwa esedutshulwa.
UNksz Mazibuko uthe uthinte amaphoyisa wawatshela nangokusatshiswa ngokufa kukadadewabo obesongelwa ngumnakwabo.
Uhlabe umkhosi nasezihlotsheni eMooi River ukuthi zigade imoto iToyota Avanza ebikade ihamba abasolwa nebala bayibonile base betshela amaphoyisa izinombolo zayo nokuthi ayivimbe.
“Omakhelwane bathe bazibonile izimoto ezintathu ezingaziwa ebezikade zizulazula ngesikhathi samalobolo okubalwa ne-Avanza,” usho kanje.
Udalule nokuthi umsolwa useke wahlasela udadewabo eyomfuna kubo kamyeni ephethe isibhamu kodwa wangamthola.
“Sithukile, siyasaba ukuthi njengoba bebulele umama nje, kungenzeka baphinde babuye ngoba umuntu ebebezomfuna abamtholanga,” kuzikhalela uNksz Mazibuko.
Uthe udadewabo obefunwa ubengekho ekamyeni wakhe kusukela ngoLwesine njengoba kuwusiko lwakhona ukuthi uma kuhanjiswa amalobolo, ingoduso kumele ibe semzini.
“Sifuna ubulungiswa ngomama obulawe engenze lutho, ufele nje ukuthi ulotsholelwa indodakazi,” kusho uyena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abophe izinkabi ezine nowesifazane oyedwa emgwaqweni uN3.
Uthe lona wesifazane ubethenge izinkabi ukuthi ziyobulala umnakwabo.
“Ubemsola ngokuthandana nesoka lakhe. Uhambe nabo ebheke eNtabamhlophe lapho obekuyokwenziwa khona lobu bugebengu. Imibiko ithi abasolwa bagcine bebulala unina wobekade efuneka,” kusho uNetshiunda.
Uthe amaphoyisa emva kokwaziswa ngesigameko abe esevimba imoto ngaseMooi River, lona wesifazane wathi ugitshezwe ilaba besilisa abehamba nabo kodwa uphenyo lwamaphoyisa olusheshayo lwaveza ukuthi imoto obekuhanjwa ngayo eyakhe.
“Abasolwa baboshiwe. Oyedwa wabo ubenegazi ezingutsheni abezigqokile. Kwaphinde kwatholwa nesibhamu esinezinhlamvu ezintathu. Kubuye kwafika namalungu omphakathi lapho okwenzeke khona isigameko, aqinisekisa ukuthi yiyo le moto abayibone ibaleka endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Ubuye waveza nokuthi oyedwa wabasolwa uyinkabi ebivele isohlwini lwabasolwa abafuneka ngamacala okubulala. Uthe lona wesilisa ngowaKwaMaphumulo kanti ubenokuhlala ehostela laKwaMashu naseMlaza.
UNksz Mazibuko uveze ukuthi lona wesifazane oboshwe nezinkabi bezwa kuthiwa naye ungowokuzalwa KwaMaphumulo kodwa uhlala eMayville.
UNetshiunda uthe abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.