IZOBUYELA enkantolo ngoLwesihlanu, iyocela ibheyili indoda eboshwe iyogeza isinyama enyangeni ngecala lokugwaza ibulale umngani wayo.
UMnuz Nzukayiswe Giwose (25),odabuka e-Eastern Cape, uboshwe ngeledlule emzini wenyanga eSiyanda, ngaKwaMashu.
UGiwose nebhungu uLindani Mbatha (19) basolwa ngokugwaza amanxeba amaningi babulale umngani wabo, uMnuz Kwandumusa Koza (27), maqede baduna imoto yakhe.
Laba ababili bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngoLwesine, ngecala lokuduna imoto nelokubulala.
Kulindeleke ukuthi babuyele kule nkantolo ngoJanuwari 20.
Kuthiwa isidumbu sikaKoza sitholakaleenkundleni yezemidlalo esigcemeni sakwaG, KwaMashu, emuva kokuthi kade ebikwe umndeni wakhe ukuthi udukile.
FUNDA NALOLU DABA: Ubulale umngani ‘ecikwa’ wukuthi useqashiwe
Ngokuthola kweSolezwe, laba ababili kuthiwa bathatha iVW Polo emhlophe kamufi bayoyidayisela umuntu waseGlendale, ngaKwaMaphumulo.
Leli phephandaba lithole nokuthi uGiwose uboshwe esezinhlelweni zokubalekela abuyele kubo e-Eastern Cape.
Kubikwa ukuthi imoto igcine ishaqwe amaphoyisa kanti umuntu owayithenga kuthiwa ugcwele amathafa, ubalekela abakwasidlodlo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstabe Thenjiswa Ngcobo, uqinisekise ukuboshwa kwalaba ababili nokuthi uGiwose wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela esemzini wenyanga.
UConst Ngcobo uthe amaphoyisa ashaqe kubasolwa ummese okusolakala ukuthi kwabulawa ngawo umufi neselula yakhe.
“Abasolwa bagcinwe ezitokisini, bazobuyela ngoJanuwari 20 enkantolo beyocela ibheyili. Umufi wayekade ebikwe umndeni wakhe ukuthi ulahlekile ngoDisemba 31, ubona engabuyi ekhaya,” kusho uConst Ngcobo.