ISISHO esithi “icala aliboli” nesithi “yinde ingalo yomthetho” zifakazelwe ukuboshwa kowayeyiphoyisa langesikhathi sobandlululo, labekwa icala lokubulala ibhungu elaliyisishoshovu ngoFebhuwari 1989, eChesterville, eThekwini.
Umsolwa okunguMnuz Wesley “Matiri” Madonsela kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yesiFunda yaseThekwini namuhla.
Ubekwe icala lokudubula amahlandla amaningi abulale uSiphelele Nxumalo (17) owayeyisishoshovu esasikade silwa nohulumeni wobandlululo.
Ngokusho kophiko olushushisa amacala, iNational Prosecuting Authority (NPA), uSiphelele wayeyilungu le-United Democratic Front (UDF) eyayikade ikha ngakhezo lunye ne-ANC.
Umalume kamufi, uMnuz Sipho Nxumalo oyilungu loMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA), uthe uyitholile incwadi embizela enkantolo ukuze ayokwethula ubufakazi.
Uthe uzoya enkantolo ayochaza akwaziyo mayelana nalesi sigameko okuthiwa senzeka kuRoad 12 kuleli lokishi.
“Umshana washonela emotweni yami ngesikhathi sengimphuthumisa esibhedlela eKing Edward. Esibhedlela bangitshela ukuthi ngoba useshonile, angimyise mina emakhazeni kahulumeni ayesemgwaqweni uGale, sekushaye u-10 ebusuku,” kuchaza uNxumalo.
Udalule ukuthi nonina kamufi kulindeleke abe ngufakazi enkantolo kwazise wayekade enaye emotweni bephuthumisa umufi esibhedlela esedutshuliwe.
Okhulumela i-NPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uMadonsela wayeyingxenye yethimba elaziwa ngokuthi yi-A Team, elalikade lisebenza neNatal Security Branch.
“Wanyamalala emuva kwesigameko sokubulala kodwa wagcina etholakele waboshwa. Njengamanje ungaphandle ngebheyili. Leli cala liveza obala isihluku esasikade senziwa ngamaphoyisa obandlululo esibhekise kwababekade beyizishoshovu,” kuchaza i-NPA.
Uthe beyi-NPA benza konke okusemandleni ukushushisa abantu ababenza le migilingwane ukuze imindeni yabagilwa ithobeke amanxeba uma ibona kwenzeka ubulungiswa.
UMnuz Mafika Mndebele ongumkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal ushayele ihlombe umsebenzi wamaphoyisa athe muhle.
“Okwenzekile kuyakhombisa ukuthi alikho icala elibolayo. I-ANC ifuna ekugcineni ukubona kwenzeka ubulungiswa,” kusho uMndebele.