SISOBISHINI isisebenzi soMnyango wezeMpilo eLimpopo, esisolwa ngokudayisela ongowokudabuka eNigeria imishanguzo yesandulela ngculazi okuthiwa isetshenziselwa ukuthaka izidakamizwa.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo eLimpopo, uMnuz Thilivhani Muavha, uthe umsolwa uboshwe ngamaphoyisa emva kokutholakala nebhokisi elinemishanguzo.
Kuthiwa le mishanguzo ubezama ukuyithengisela othile wokufika okuthiwa udabuka eNigeria.
Uthe ukuboshwa komsolwa kuzosiza ekulweni nobugebengu emnyangweni okudala ukushoda kwemishanguzo okugcina kuchaphazela nomphakathi. UMuavha uthe kuyasolisa ukuthi le mishanguzo entshontshiwe isetshenziselwa ukwenza izidakamizwa.
"Njengoba abokufika abahleli kuleli ngokungekho emthethweni benalo ilungelo lokulashwa ezikhungweni zempilo, akusolisi uma bengena ezikhungweni, sikholwa ukuthi mhlawumbe le mishanguzo ibizosetshenziswa ukwenza izidakamizwa okuyinkinga enkulu kubantu abasha bakuleli," kusho uMuavha.
Uthe bazosebenzisana namaphoyisa ukuphenya umsolwa ngoba vele kukhona icala eliphenywayo elibhekene nowesilisa waseNigeria oboshiwe mayelana nezinsolo zokudayisela abafundi izidakamizwa eNorthern Academy naseFlora Park, okuyizikole eziseduze nesibhedlela lapho kuboshwe khona umsolwa.