UBONGA ukwesekwa yibandla umculi wokholo osanda kukhipha i-albhamu, uNdumiso Mzobe. Uthe ngale albhamu uhlose ukukhuthaza ngayo ukuzethemba ebantwini.
Lo mculi, okhonza ebandleni labasindisiwe i-Ebenezer Christian Family Church, uthi kumqoka ukuthola ukwesekwa ngamalungu ebandla uma ungumculi wokholo.
Usanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi God is Able. Ngale albhamu uthi uhlose ukukhuthaza abazalwane ukuthi bangaliphosi ithawula kungakhathaleki ukuthi bazithola bebhekene naziphi izimo.
"Ngifuna ukuthi le albhamu ibuyise ukuzethemba ebantwini. Ngifuna bazi ukuthi asikho nesisodwa isimo esingabanqoba uma nje uNkulunkulu engakubo,'' echaza.
Uveze ukuthi le albhamu iyatholakala ezitolo ezahlukene ezikhona eNingizimu Afrika. Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi izowenza umehluko omkhulu kubona bonke abantu abazoyithenga.
Ukhulume nangokubaluleka kokuba abaculi bokholo bawazi umnyango wesonto.
Ugcizelele ukuthi ubudlelwane bomculi wokholo noNkulunkulu bumqoka kakhulu.
Uthe akumele abaculi bakhombe indlela maqede bajike. "Mina ngikholwa ukuthi uma ungumculi wokholo kumele uye nakanjani enkonzweni. Lokho kuyakwakha njengomculi,'' usho kanje.
Ubalule ukuthi kumele kube seqhulwini ngaso sonke isikhathi kubaculi bokholo ukubaluleka kwendlela yokuziphatha.
Uthe eminyakeni ezayo ufuna ukuzibona ebalwa nabanye babaculi asebedlondlobele kakhulu ngokomculo.
Uveze nokuthi uyafisa kakhulu ukuthi acule nabanye babaculi asebemnkantshubovu kulo mkhakha womculo wokholo