UTHI ubonga ukukhishwa esikhundleni esaphila obengumkhulumeli weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UMntwana u-Africa Zulu wasoNkweni, ngoLwesine obebize isithangami sabezindaba eThekwini ngemuva kokuxoshwa esikhundleni abesiphethe, uthe ubesebenza ngaphansi kwezimo ezinzima.
UMntwana u-Africa uxoshwe ngosuku olulodwa nobenguSihlalo webhodi leNgonyama Trust, inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela nelungu lebhodi leNgonyama Trust, inkosi Mabhudu Israel Tembe.
UMntwana u-Africa uthe kade ephunyula kunemizamo yokumxosha.
“Ngibonga nje ukuphuma ngisaphila. Bengisebenza nabantu abebengangifuni. Omunye nje sake saxhawulana naye kamnandi, kwathi ngokuhamba kwesikhathi ngathola incwadi evela kuye yokungixosha.”
UMntwana u-Africa wenze izinsolo zokuthi yena nenkosi uMzimela baxoshelwe ukulwa nabantu abazama ukulawula iSilo.
Uthe laba bantu, ababize ngekhabhinethi elikhethekile, bafaka phakathi osomabhizinisi abasondelene neSilo. Uthe uma uke wangavumelana nabo uyasuswa eduze kweSilo.
“ISilo simsulwa kuyo yonke le nto, sifela ukulunga kwaso. Abantu abayinkinga yilaba abazama ukulawula iSilo. Inkinga ukuthi mina nenkosi uMzimela besime endleleni yabantu abazama ukubhubhudla imali yeNgonyama Trust.
“Owokuqala owavalelwa ngaphandle yilaba bantu, uNdunankulu kaZulu ongasekho (inkosi Mangosuthu Buthelezi). Kwaphinde kwaxoshwa inkampani yabameli eyayikade imele iSilo emacaleni. Kwaphinde kwavalelwa ngaphandle iNgonyama yamaSwati, eyababamba iqhaza elikhulu ngesikhathi iSilo singena esihlalweni. Njengamanje uzobona ukuthi wonke umuntu ozozama ukuphikisana nabo laba bantu uzonyamalala.”
UMntwana u-Africa ugxeke ukuqokwa kukaNdunankulu omusha kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, wathi asimfanele lesi sikhundla.
Uthe umlando ukhombisa ukuthi uNdunankulu kaZulu kufanele kube umuntu oyinkosi.
Ngokusho kwakhe, wayelindele ukuthi kuqokelwe esikhundleni inkosi uNtuthukoyesizwe Zuzifa Buthelezi kodwa wathuka kwaphela nasozwaneni ezwa kumenyezelwa igama likaMfundisi Buthelezi.
“Ngashaya ihlombe lokuqala, ngabuye ngababaza ukuthi wubani lona ogibela esteji? Ngokwami, uThulasizwe angimthathi njengondunankulu kaZulu. Mina owami undunankulu uMntwana (uZuzifa). Okubuhlungu nje ukuthi naye uMntwana bammema (ngesikhathi kuzomenyezelwa undunankulu kaZulu). Ngabona esemxhawula. Ngambuza ukuthi kungani Mntwana umxhawula. Wathi yingoba wakhuliswa ngenhlonipho.”
UMntwana u-Africa uphinde wakhombisa ukusithimulela isinqumo seSilo sokuzibambela mathupha ezindabeni ezithinta Ingonyama Trust.
“Lokhu kusho ukuthi iSilo kuzofanele siye ePhalamende siyophendula ngokusetshenziswa kwemali yeNgonyama Trust. ISilo kuzofanele siphendule ngokubhubhudlwa kwemali njengoba kuyimanje nje kunemibiko yokuthi kuno-R41 million owanyamalala kwiNgonyama Trust. ISilo njengoba simatasa kangaka sizosithathaphi isikhathi sokwenza le nto?”