UZIBONA edlondlobala eminyakeni embalwa ezayo owesilisa osemusha waKwaMakhutha, eThekwini onebhizinisi lokwakha ubucwebe.
UMnuz Sabelo Madondo (33) uthe uqale ukuba nendawo yakhe yokusebenza egcekeni kubo nyakenye kanti ayikho inhlobo yobucwebe angakwazi ukuyenza.
Uveze ukuthi inkampani yakhe iGalaza Creations wayibhalisa ngo-2013, emva kweminyaka emibili ephothule iziqu zakhe.
Elandisa ngomsebenzi wakhe uthe, uthando lwawo lwaqala esemncane, wazizwa enentshisekelo yokwenza umsebenzi ohlukile.
Uthe kuqala wayezitshela ukuthi uzosebenza ngokhuni kodwa ukuphathwa kwakhe yi-sinus kwamenza washintsha ukwenza, wagcina enza izifundo zobucwebe eDurban University of Technology (DUT) aziphothula ngo-2011.
“Ngangifuna ukwenza into ehlukile, engenziwa abantu abaningi futhi ewumsebenzi wezandla,” kuchaza uMadondo.
Uthe nakuba indlela ingabanga lula kodwa akazisoli ngokukhetha lo mkhakha ongakasabalali ebantwini abansundu.
Enza izibonelo uthe kusabathwalisa kanzima ukuthi abakandi abamnyama abenza lo msebenzi.
“Abantu ababathembi abamnyama abakulo mkhakha. Ubathola benemibuzo eminingi abayibuzayo ngenxa yokungasethembi ukuthi sinawo amava okukhiqiza ubucwebe,” kusho uMadondo.
Uthe abantu baze bancamele ukuyothenga ezitolo ezinkulu ezidumile, bengazi ukuthi lobo bucwebe zisuke zibuthenge kubona abamnyama asebenama-workshop amakhulu.
Uthe yena okumsebenzele ukuthi abe nalawo makhasimende amancane bese ewenzela umsebenzi osezingeni eliphezulu.
“Ngaleyo ndlela uyakwazi ukwakha ukuthembana phakathi kwakho namakhasimende, kanti uma esekwethemba, ayakwazi ukutshela abanye abantu ngomsebenzi wakho. Kungisebenzele kakhulu mina lokho,” usho kanje.
Udalule ukuthi kumsizile ukusebenzela izinkampani ezehlukene esanda kuphothula iziqu zakhe.
Uthe wakwazi ukuqoqa sonke isipiliyoni ayesidinga, nakholwa ukuthi sizomlekelela kakhulu njengoba esohambweni lokusimamisa ibhizinisi lakhe.
“Ngizibona nginesitolo esithi mina eminyakeni ezayo nendawo ethe xaxa engizosebnzela kuyona edolobheni,” usho kanje.