UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZuluNatal, uNksz Nomagugu Simelane, usephonsele abantu besifazane inselelo yokuthi bakubeke emahlombe abo ukufunda kabanzi ngesifo somdlavuza, bafundise nezingane ngaso.
UNksz Simelane ubekhuluma emcimbini wokugubha usuku lokuqwashisa abantu ngesifo somdlavuza emhlabeni, iWorld Cancer Day, obusePort Shepstone, ngoMgqibelo.
“Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi uma kwenzeka kuba noguquko ebeleni labo (abantwana bamantombazane), ukwenza isibonelo; bakwazi ukubona kusenesikhathi.
“Ngakho nginxusa abesifazane ukukhuthaza izingane zabo zamantombazane, nabo bonke abesifazane ukuzihlupha ngokwazi kabanzi ngomdlavuza.
“Akumele abantu bafe noma bagule kalula ngoba izifo eziningi zomdlavuza ziyelapheka uma kutholakale kusenesikhathi ukuthi unaso,” kuchaza uNksz Simelane.
Eqhuba, uxwayise abesifazane ngokuthi baqaphele ulwazi oludukisayo nolungesilo iqiniso, ikakhulu ngezifo ezinjengomdlavuza.
“Baningi ‘osiyazi’ la ngaphandle, ngakho nakuba sikhuthaza abantu ukuzicija ngolwazi lwezifo esinjengalesi, kepha abaqaphele ukungafunzwa amanga.
“Laba abasebancane asibafundise besebancane ngokubaluleka kokuhlolela izifo ezahlukene, bazi kabanzi nangazo futhi bangakwenqeni ukukhuluma ngazo.
“Uma sike sazejwayeza ukwenza lokho, le nto izokhula kubona - bayiqhube nasezizukulwaneni ezizayo, nokuzosiza ukugwema ukudlebeleka komdlavuza webele kwabesifazane,” kuchaza ungqongqoshe.
Uphinde wakhala ngokuthi inkinga enkulu wukuthi umdlavuza webele uhlasela kakhulu abesifazane abaswele, iningi labo leswele ulwazi futhi alizinakekeli ngendlela.
“Ngakho sinomsebenzi osihlalele wokukhuluma nabo, senze bakhuthalele ukuhlolelwa izifo ezinjengalesi.
“Ngakho umyalezo wethu uthi masingawesabi umdlavuza. Awusona isifo esibulalayo uma sisheshe satholakala kusenesikhathi.”