UTHUKUTHELE wagasela ekhweni umkhwenyana owaliwa yingoduso eDanala eNquthu, okuthiwa ufike washaya abalamu bakhe nabafana bendawo, wathatha izinkomo amlobola ngazo ngo-2012.
Umkhwenyana ongeke adalulwe njengoba engazange atholakale ukuthi aziphendulele, kuthiwa ufike ephelezelwa yizinsizwa zakubo emzini wakwaMazibuko bashaya abafana bakhona nabendawo abebezama ukubavimba.
Umthombo weSolezwe osondelene uthe umkhwenyana uthathe izinkomo ezinhlanu ayelobole ngazo.
Uthe ubengaqali ukufika azozama ukuthatha izinkomo njengoba nangeledlule wazama ukuzozithatha kodwa wahluleka ngoba bamvimba.
“Sishaqekile ngoMgqibelo esefika evulela isibhaxu ehamba nequlu lezinsizwa zakubo. Ingoduso yakhe kwayona ibikhona ngesikhathi kwenzeka lesi sehlakalo,” kusho umthombo.
“Okusixakayo wukuthi akakaze afike kahle azocela ilobolo lakhe. Kodwa wafika eyimpi ezolifuna ngenkani. Sithukile, kugqigqwa ezinkantolo manje ngenxa yalolu daba. Sisola ukuthi ubesaliwa yingakho egasele ngoshova ezolanda izinkomo zakhe.”
Esinye sezihlobo esicele ukungadalulwa sithe isimo sishube kakhulu ngoba kuthe unina kamakoti eyovula icala emaphoyiseni eNquthu, kwaba namaphoyisa amabili angabangani bakamkhwenyana, amshaye aze amklinya ngeduku.
Isolezwe lihlangane naye enkantolo uNkk Nomvulo Mazibuko, lazama ukuxoxa naye. Ubelimele emlonyeni kubonakala ukuthi kusekusha.
“Njengoba ukhuluma nami ngocingo ngisuka ekhaya ngisesiteshini samaphoyisa ophiko lwezemfuyo. Ngicela ungifice khona ukuze sikwazi ukukhuluma,” kusho uNkk Mazibuko entathelini.
Esethintwa okwesibili uthe usesenkantolo intatheli ayize khona usayobonana nomshushisi.
Esephuma kumshushisi ushaye ungqimphothe wathi akukho asazokukhuluma ngoba udaba bayalulungisa.
Uqhuba umthombo uthe: “Umama kuningi okusemqondweni wakhe ngoba nalolu daba lokushaywa ngamaphoyisa aseNquthu ubesejika umqondo, wathi useyayeka akasalivuli icala ngoba bamvimbile, okusisolisile ukuthi kungenzeka ukuba sebemsabisile.
“Okunye sifisa umakoti avikeleke ngoba inkinga ekhona eyokuthi umkhwenyana wakhe unolaka. Empeleni kuleli lemfuyo umkhwenyana walobola ngo-2012 ngezinkomo ezine evele sebeganene nomakoti. Ezimbili zafa kwasala ezimbili. Kuthe uma esezoshaqa lezi ezimbili ezisaphila wathatha nezintathu ngaphezulu zakwaMazibuko, okuthathwe ngokuthi useyazeba kanti sezizonke besezinhlanu azithathile kuhlanganisa nezakhe.”
Umakoti eligodliwe igama lakhe, ubehamba nonina enkantolo nesihlobo sesifazane nephoyisa ebelibaphelezela. Ucelile entathelini ukuba ingamfaki kulolu daba ngoba akathandi ukukhuluma nayo.
Unqabile futhi nenombolo yomyeni wakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe okwamanje akekho osaboshiwe kodwa amaphoyisa amatasa nophenyo lokwebiwa kwemfuyo.
“Mayelana nezinsolo zokuthi umamezala ushawe ngaphoyisa sicela abuyele esiteshini samaphoyisa axhumane nomphathisiteshi ukuze asizakale kodwa kuleli lokwebiwa kwemfuyo akukaboshwa muntu,” kusho uZwane.