IROAD Accident Fund (RAF) isamukele isigwebo esinikezwe owayeyisisebenzi sayo ngemuva kokulahlwa amacala enkohlakalo.
NgoMsombuluko mhla ka-14 Okthoba 2024, iDurban Specialised Commercial Crime Court igwebe uNobuhle Magwaza (45) ngecala lenkohlakalo eyenzeka ngesikhathi eqashwe yiRoad Accident Fund (RAF). NgoNovemba 2019, uMagwaza waqashwa njenge-claims and legal officer. Ngesikhathi esebenza wafuna imali engu-R500 000.00 kumgilwa. Wacela u-R50 000.00 ukuba akhokhwe ngokheshi kuthi imali esele engu-R450 000.00 ifakwe kwi-akhawunti yakhe yasebhange uma isicelo sesiphelile.
Lesi sikhulu sacela ukubongwa umgilwa ukuze sisheshise ukucutshungulwa nokugunyazwa kwesicelo sika-R2.7 million okwakufanele umgilwa awuthole. Icala lenkohlakalo labikwa emalungwini oKlebe ophikweni lwe-Durban Serious Corruption Investigation kwase kwenziwa umkhankaso owumshoshaphansi.
UMagwaza waboshwa ngoFebhuwari 2020 wadedelwa ngebheyili. Uvele kaningi enkantolo kwaze kwaba wukuthi utholwa enecala. Ugwetshwe iminyaka engu-12 ebhadla ejele iminyaka emibili yalengiswa iminyaka emihlanu. Ngaleyo ndlela uMagwaza uzodonsa iminyaka engu-10 ebhadla ejele.
Isikhulu esiphezulu se-RAF, uCollins Letsoalo, sithe: “Isigwebo siyisiphetho esifanelekile sesikhwama kanye namaphoyisa. Kukhomba ukuthi imizamo yethu yokuqeda inkohlakalo ngaphakathi nangaphandle kwesikhungo sethu ithela izithelo. I-RAF izoqhubeka nokuqapha inkohlakalo eyenziwa abasebenzi, abafake izicelo, abameli, ochwepheshe bezokwelapha nabanye abathintekayo.”
Uqhubeke wathi kwenziwa uphenyo lwangaphakathi olwaholela ekumisweni kwabasebenzi abayisikhombisa (7) phakathi kuka-2020/21 kanye 2022/23. Abasebenzi abayisithupha (6) bashiya emsebenzini ngesikhathi kuqhubeka uphenyo noma ukulalelwa kwecala kusukela ngo-2020/21 kuya ku-2022/23.