USUPHINDE wakhungathwa izinkinga umdlalo okwehamba phambili kulezi zinsuku Umkhokha: The Curse njengoba kuvela ukuthi inkampani iM-Net ifuna uqedwe kodwa ophrojusa bawo bahudula izinyawo.
Isolezwe lithole ukuthi lo mdlalo kumele ngabe usuqediwe ukuqoshwa, kodwa lokho akwenzeki.
Ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto kuvele izindaba zokuthi abalingisi okukhona kubo uMsizi Njapha (Khulekani), Angel Zuma (Nomkhosi) noKwanele Mthethwa (Nobuntu) izindawo zabo seziphelile futhi sebeqedile ukuqopha kulo mdlalo.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi izinkinga ziningi kulo mdlalo kodwa okushiya ukudideka kwabaningi ukuthi akwaziwa ukuthi uyaphela yini noma cha.
“Kumanje kumele ngabe kuqediwe ukuqoshwa kwesizini yesibili, kodwa akekho ophumela obala ngoba isiteshi nabasunguli balo mdlalo basematasa nezingxoxo. Okunye ukuthi imali yokukhokhela abasebenzi kuwona umdlalo ayisekho. Laba abasebenza kuMkhokha manje bakhokhelwa ngemali okumele ngabe yenza umsebenzi womdlalo Isibongile and the Dlaminis. Njengoba kuvela izindaba zokushiya kwabalingisi nje yingoba iningi labo seliqedile ukuqopha izindawo ebelizilingisa, abanye bayabuyiswa sebededeliwe ngakho ukuthi akwaziwa ukuthi kwenzekani sengathi badidekile nje,” kuchaza umthombo.
Uthe ukubuya kukaMbuso Khoza, Pinky Ntshangase kulo mdlalo kwakungahleliwe kodwa kwakuyikho ukudideka kwababhali bawo.
“Indawo kaNobuntu kumele ngabe kade yaqedwa. Kodwa umlingisi wayo ubelokhu emiswa aphinde abuye nobekuletha ukudideka kwabaningi,” kuchaza umthombo.
Omunye umthombo, uthe iM-Net isamile ekutheni ayisafuni ukuqhuba imidlalo isikhathi eside noma kungathiwa ijatshulelwa kanjani.
“IM-Net isiqalile ivivela ukuqala kuqoshwe imidlalo emisha. Bonke abalingisi osekuvele ukuthi bayashiya yebo bayahamba. UMsizi uzogcina ukubonakala ngoDisemba. Kuzobe sekulandela abanye. Ngokwesiteshi bafisa uphele kodwa ababhali bawo basabambelele kuwo nesingazi ukuthi kungani. Lokhu kuletha indida ngisho kubalingisi njengoba abanye befonela isiteshi ukuze bazi ukuthi kwenzekani,” kuchaza umthombo.
UPortia Hlongwane weMzansi Magic uthe, akukho angakuphawula kodwa uma kwenzeka kuba khona okuvelayo bazomemezela kwabezindaba.
Isolezwe lithole ukuthi ngesonto eledlule bekubanjwe inhlolokhono eThekwini yomdlalo omusha okulindeleke ukuthi uvale isikhala sowodwa kule midlalo ephelayo kuMzansi Magic.