UNGAPHANSI kweso lamaphoyisa esibhedlela umculi kamaskandi okuthiwa alinde ukumthwesa icala lokuzama ukuthumba ingane nokuzama ukubulala, emva kokuhlaselwa wumphakathi okuthiwa umshaye kwasala umndondo.
Umculi kamaskandi uBobo “Mfana Wepiki” Mhlongo, kuthiwa ungeniswe esibhedlela kukubi emva kokuhlaselwa wumphakathi waseKagiso, eGauteng, ngeSonto.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLt Col Mavela Masondo, uthe kumanje lo mculi ungaphansi kweso lamaphoyisa, alinde ukumthwesa amacala.
Echaza uMasondo, uthe lo mculi usolwa ngokuzama ukuthumba ingane eneminyaka emibili nokudubula esixukwini somphakathi waseKagiso.
“Kumanje sekuvulwe icala lokuzama ukuthumba ingane nelokuzama ukubulala emva kokuba umculi kamaskandi ezame ukuthumba waphinde wadubula. Ngokusho kovule icala, lo maskandi ufike emkhukhwini wabo ezofuna imali yokuqasha (renti) angayitholanga, wase ethatha ingane.
“Unina wengane uphumile wamemeza kwaphuma umphakathi, okuthe uma uza kuyena esengene nengane emotweni, wakhipha isibhamu wadubula ebhekise kuwona. Umphakathi ukwazile ukumbamba wamphuca isibhamu wase uyamthelekela umshaya. Uze walanyulelwa amaphoyisa amthathe amphuthumisa esibhedlela,” kusho uLt Col Masondo.
Kuthiwa uBobo unamakotishi eKagiso namatekisi okuyizonanto aziphilisa ngayo. Kuvela ukuthi uye eKagiso eyofuna imali yakhe yerenti kwesinye seziqashi zakhe okuthiwa bese singasamkhokheli. Ngesikhathi efika khona kuthiwa ubuze kunkosikazi walesi siqashi ukuthi sikuphi, bamtshela ukuthi asikho. Emva kwalokho, kuthiwa ukhale ngokuthi njalo uma efika kuthiwa akekho wase ethi uzothatha ingane ahambe nayo. Kuthiwa utshele unina wengane ukuthi uyise wengane (oyisiqashi abesifuna) uyamazi ukuthi uhlala kuphi uzoza khona esephethe imali yerenti afike amnike ingane yakhe.
Indaba kuthiwa yonakale ngesikhathi esethi ungena emotweni nengane, unina wahlaba umkhosi kwaphuma umphakathi, wahlasela uBobo.
Kumanje kuthiwa sibi isimo kuyena esibhedlela njengoba abambonile bethi ukhuluma aphinde into eyodwa kaningi okukhomba ukuthi ushayeke kabuhlungu ekhanda.
Lo mculi usematheni kulezi zinsuku ngokusola uKhuzani ukuthi uyena omvalelayo emculweni nokwenza angaqashwa.
Lesi sigameko esimvelele akusona esokuqala. Ekuqaleni konyaka odlule, uhlaselwe ngabantu bamdubula wacishe washona waze wavuka esibhedlela. Ekuqaleni kwalo nyaka, nakhona uvelelwe wumshophi umuzi wakubo ushaywa yizulu washa.
UBobo udabuka KwaNyezi, eNquthu. Emculweni uzakhele udumo ngokushutha ephethe ipiki njengoba negama lakhe lomculo enguMfana Wepiki.