U-KING Bhaka Nzama, ucacisa ngokungezwani phakathi kwakhe nendumandumane uDr Khehlelezi, abahlala njalo ngokubonakala begconana ezinkundleni zokuxhumana.
“Ngisuke ngingalwi naye mina, kuphela ngisuke ngilwa nendlela enza ngayo izinto, okuyiyona ekhohlisa abantu. Mina naye sibanga ukuthi nje wenza izinto ezingenalo iqiniso, ezidukisa abantu,” kubeka uKing Bhaka.
Eqhuba, uthe wuyena yedwa onesibindi sokubakhalima abelaphi uma bephuma endleleni kule ndima. “Ukungezwani kwami nezinto azenzayo kwaqala ngesikhathi enza i-video ekhipha imali emanzini.
“Inkinga yami naye iqale enza i-video ezinkundleni zokuxhumana ekhipha imali emanzini, ethi utshelwe ngabantu abadala ukuthi kunemali esemanzini. Bengingeke ngithule umuntu engcolisa igama lezinyanga nabelaphi bendabuko,” kubeka uKing Bhaka.
Uveze ukuthi yena noKhehlelezi kabasoze basebenzisana. Uqhube wathi uKhehlelezi uthume uNgizwe Mchunu ukuthi azomtshela ukuthi basebenzisane kodwa wanqaba.
UNgizwe Mchunu, ethintwa ngalokhu, ubhoke ngolaka.
“Ngihlanganaphi mina nezindabeni zabo? Ungangifaki kule nto. Ngasho ngathi ningaphinde ningifonele nina zintatheli, nawe futhi ungaphinde ungifonele,” kubhoka uMchunu.
Ithintwa Indumandumane ngalokhu, ithe uKing Bhaka ayimazi ukuthi ungubani futhi abakaze nje bahlangane.
“Angimazi loyo King Bhaka okhuluma ngaye. Angikaze nje ngihlangane naye. Anginendaba naye nokuthi uthini ngami. Kwazona lezo zinto okhuluma ngazo angizazi, ukuthi zikhona noma azikho, anginendaba.
Mina ngizenzela into yami. Ngizilaphela abantu,“ kuphetha uKhehlelezi.