UBINGELELE imantshi yaseKokstad owesilisa (28) oboshelwe icala lokudlwengula isalukazi (82), eSibizane, eNewtonville eCreighton.
Owesilisa uboshwe ngempelasonto emuva kokungenela isalukazi kwaso sizumekile ngabo11.30 ebusuku wabe esesidlwengula.
Ulahlwe ngelakubo wazumeka emuva kokugila umkhuba. Kuthiwa isalukazi sikwazile ukugaqa sisuka emzini waso saze sayocela usizo kwamakhelwane. Umakhelwane uvuswe wumsindo wezinja ebezikhonkotha zingayeki, wathi uma eyohlola ukuthi zikhonkothani wathola isalukazi, esimtshele ukuthi sesidlwengulwe ngowesilisa.
Isolezwe lithole ukuthi umakhelwane uye emzini wesalukazi, wafica owesilisa ezumekile enqunu, izimpahla ziseduze kwakhe nekani likabhiya.
Ube esehlaba umkhosi kwezwa nabanye omakhelwane babiza amaphoyisa waboshwa umsolwa.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, usigxekile isigameko, wathi kubi ukuthi izalukazi zidlwengulwa ngabantu abalingana nabazukulu bazo. Uthe isalukazi besilele sodwa emuva kokuthi indodakazi yaso ingabuyanga ekhaya, okuvulele ithuba isigilamkhuba.
UNkk Khoza ukhale ngokuthi abantu abagila imikhuba basuke baziwa, ngakho kufanele bajeziswe kanzima.
“Sinabantu abangenasimilo, abagila izaguga. Abantu abadala sebehlezi lubhojozi ngoba basaba ukuthi bazohlaselwa noma badlwengulwe emizini yabo. Sesibeke ithemba ezinhlakeni zomthetho ukuthi zizomjezisa kanzima ogile isalukazi ngoba utholwe endaweni yesigameko elele. Sifisa inkantolo ingamzweli, imvalele isikhathi eside ejele ngalobu bugebengu obuthusayo,” kusho uNkk Khoza.
Ugxeke umndeni wowesilisa ngokuzama ukufihla isigameko ngokuthi ufune ukukhokha inhlawulo esalukazini.
“Kuyanyanyisa ukuthi kunabantu abazama ukufihla abadlwenguli, ngokuthi bafune ukuhlawula abagilwa. Sifuna izinhlaka zomthetho zibajezise kanzima labo abazame ukufihla lesi sigameko, befuna ukuhlawula umgilwa. Umuntu odlwengulile kufanele avalelwe ejele,” kusho uNkk Khoza.
Uthe usethumele abezenhlalakahle abaluleka umgilwa nomndeni wakhe ngokwengqondo.
ULt Col Nqobile Gwala wamaphoyisa KwaZulu-Natal, ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa icala lokudlwengula.
Uthe amaphoyisa aseCreighton abophe owesilisa ngoMgqibelo, adlulisela icala enkantolo ebhekele amacala okudlwengula nodlame eseKokstad lapho owesilisa evele khona. Ikhansela lase-ward 8 eSibizane, uMnuz Mthobisi Dlamini lithe izigameko zodlame olubhekiswe kwabesifazane sezithanda ukwanda endaweni ngoba njengoba kudlwengulwa isalukazi kusanda kuhlaselwa amantombazane amabili lapho ehlala khona.
Ukhuze abesilisa abasebasha ukuthi bawuyeke umkhuba omubi wodlame oluhlukumeza abesifazane, wathi kubukeka sengathi kufanele kube nokuthile abakwenzayo bengabaholi, ukulwa nalezi zigameko.
Uthe indodakazi yesalukazi ibilele komunye umuzi womndeni wakhona ngelanga lesigameko kodwa yona iwumuntu omnakekelayo unina ngoba namanje ihleli naye.