ININGI labantu abamnyama alikholelwa ukuthi ukwehlelwa izimo ezithile kungaholela ekutheni libe nezinkinga zengcindezi yomphefumulo nokuphatheka kabi ngokweqile okudinga ukwelashwa ngudokotela.
Lokhu kushiwo uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube- Ncube emngcwabeni wesitshudeni sakuleli ebesifundela ubudokotela ePhilippines, esishone sikuleliya lizwe, uNksz Snegugu Ntobeko Myeni (28) waseMadlangeni, e-Utrecht obungoMgqibelo.
UNksz Myeni ubewudokotela oweluleka ngokomphefumulo iPsychologist kodwa ubesaqhubeka nokwenza izifundo zobudokotela ngoba efuna ukuphelela emkhakheni wobudokotela, ushone esesikhumulweni sezindiza esendleleni ebuyayo eza kuleli emasontweni amabili edlule.
Bekudingeka uR2 million ukuze isidumbu sakhe sibuyiselwe kuleli okuholele ukutheni unina, uNkk Lindiwe Myeni enze ividiyo ecela usizo emphakathini.
Ihhovisi likaNdunakulu, eminye iminyango kahulumeni, umphakathi, neCebolethu, okuyinkampani yabangcwabi, bafake isandla ukuze kufezeke isifiso sikanina sokuthi angcwatshwe ekhaya.
UNkk Dube-Ncube, uthe bayingcosana ongoti bomkhakha wokululekwa ngokomphefumulo kanti siyakhula isibalo sabantu abahlaselwa ilezi zifo kuleli.
“UNksz Myeni ubezoba usizo olukhulu ekwelashweni kwalezi zifo abanye abantu abazithatha kancane kodwa ezidala ukuthi abantu bagcine bebulala, benonya noma bephila ngokuzwisa abanye abantu ubuhlungu ngenxa yokuthi abazange belashwe,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Unina kamufi, uNkk Myeni obeziqophile, uthe indodakazi yakhe ibiyiqhawe futhi inesibindi. Ayizange yesabe ukugibela amabhanoyi iyofunda ePhilippines, obese kuphele iminyaka eyishumi ifunda yize ibinezinselelo kodwa ibiphokophele phambili.
UNkk Ntombenhle Myeni obekhulumela umndeni, ubonge umphakathi nabo bonke abafake isandla basukumela phezulu uma bezwa ukukhala kwabo.
“Abantu abashona besemazweni aphesheya kujwayele ukuthi kuthathe isikhathi eside ukuthi babuyiselwe emazweni abo kodwa kithina kusheshile ngoba isizwe sonke sisukumele phezulu uma sizwa ubuhlungu esibhekene nabo. Siyabonga kubo bonke abasisizile,” kusho uNkk Myeni.