UMPHAKATHI waseThornwood, eMariannhill lapho kukhulele khona uZanele Mbokazi-Nkambule, uthi ufe olwembiza ngokushona kwalo msakazi woKhozi FM ophinde abe ngumsunguli wama-SABC Crown Gospel Awards.
Yize ebengasahlali endaweni, kuthiwa ubengapheli khona futhi ewusizo emphakathini.
Omakhelwane bakhe kule ndawo bathi yize sebezwile ngezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni kodwa akekho okholwayo ukuthi akasekho ngempela.
Umakhelwane wakhe obesondelene naye kakhulu, uNksz Madlala, uthe balimele kakhulu ngokushona kwakhe.
“Endaweni ubesiza wonke umuntu. Besazi ukuthi uma uyokhala kuyena ngeke uphume ungalutholanga usizo. Noma ebengahlali la kodwa ubefika njalo. Uma esefikile ubumuzwa ngokuhlabelela izingoma zokholo abingelele bonke omakhelwane. Ubengenendaba ukuthi akakwazi, uma ungowasendaweni udinga usizo ubekunika. Sike saxakwa yisiphepho nezikhukhula la endaweni kuwona lo nyaka, uZanele ufike wanikela ngomatilasi, obhulankethi nokudla emphakathini.
“Uma eza ekhaya ubemiswa abantu esaqhamuka phezulu esitobhini ngemoto yakhe bembingelela axoxe nabo aze afike kudala ekhaya ngendlela abeba nesineke ngayo nabantu. Ngisho kunemicimbi emphakathini, awukho umuzi abengezi kuwona elethe isipheko. Bekuhlula ngisho ematasa engezophumelela kodwa ubenza isiqiniseko ukuthi uyasithola isipheko,” kusho uNksz Madlala.
Uthe okubajabulisa kakhulu ukuthi uzongcwatshelwa eMariannhill, wathi nasenkonzweni yomngcwabo bazophuma ngobuningi ukuyofihla uZanele. Uthe bebenovalo bezitshela ukuthi ukuthi njengoba eshadile mhlawumbe umyeni wakhe uzomyisa eSwatini, kodwa bayabonga ukuthi amngcwabele la, ukuze bathole ithuba lokuyovalelisa okokugcina kuyena.
UMnuz Francis Bafana Nkosi, uthe yena ubesefana nowomndeni kaZanele.
“Kuningi angisize ngakho uZanele. Njengoba ngingasebenzi nje bengihlala ngiqashwa uyena. Ngike ngahlala iminyaka emibili emzini wakhe e-La Mercy. Ngaya khona engiqashile ukuthi ngiyopenda amahhovisi akhe ngagcina sengihlala khona. Nangesikhathi ethenga umuzi okokuqala ngase-Pavillion wathatha mina nabanye abafowabo ukuthi siyohlala khona ngoba wayekhala ngokuthi uyasaba ukuhlala yedwa khona,” kusho uNkosi.
UMnuz Themba Bindela obaziwa njengoninalume kaZanele, uthe uZanele ubengafani namuntu endaweni.
“Ubenza izimanga nento engajwayelekile. Bekuthi uma kunomcimbi wakhe ongekho la endaweni afisa ukuthi sibe yingxenye yawo, avele asiqashele amatekisi ukuthi asiyise kuwona. Ubengaziphakamisile njengoba ubeshiya ngisho imoto yakhe agibele nathi ematekisini uma siya emcimbini. Obekumangaza besiza sizozijabulela kodwa sothi sesibuya asixhawule ngemali,” kusho uBindela.
UZanele ubengowokugcina ezinganeni zakwabo bebahlanu. Omdala kwabo uFelo Mbokazi, alanywe wuQondi, uMdu, uKhethi bese kuba uyena uZanele. Abafowabo abasekho bonke emhlabeni nodadewabo uQondi. Bese kusele yena noKhethi okunguyena osaphila ezinganeni zakwabo.
Kuthiwa izingane zabafowabo nabazukulu ubehlala nazo emzini wakhe e-La Mercy kanti ekhaya eThornwood, kusele indodana kamfowabo uCharles Mbokazi abebefikela kuyona bonke uma beze ekhaya.