IZIKHULU zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kwezeMilo, zithi isiboshwa esingundabuzekwayo uThabo Bester, siyakwemukela ukudla kwasejele. Isitsha sibuye singenalutho. UBester usematheni ngokweqa ejele eMangaung ngonyaka odlule, uze waboshwa ngesonto eledlule ebaleka nentombi yakhe uDkt Nandipha Magudumana, eTanzania.
Okhulumela umnyango uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe banomthetho wokuthi isiboshwa uma singafuni ukudla kufanele singakwemukeli. Ummeli kaBester, uMnuz Marvin Carpeder, utshele iNkantolo yeMantshi eBloemfontein, ukuthi uBester akadli ejele wesaba ushevu. Ummeli uthe uBester ucele ukulethelwa ukudla ngoba akakulokothi okwasejele.
UNxumalo uthe uma isiboshwa sikwenqaba ukudla kuyabhalwa phansi ukuthi asidlanga bese kubuyiselwa emuva. Uthe akuvumelekile akuthi isiboshwa sithathe ukudla sikubeke isikhathi singakudli.
“Ngesikhathi ebuya enkantolo unikwe ukudla wakuthatha kanti nasekuseni unikiwe ukudla wakwemukela futhi. Akufuneki ukuthi ukudla kubekwe ngoba kuzosuke konakale bese kuthiwa umnyango uphakela iziboshwa ukudla okonakele,’’ kuchaza uNxumalo.
UNxumalo uqhubeke wachaza isimo sikaBester nendawo agcinwe kuyona manje. Uthe ugcinwe ejele iKgosi Mampuru C-Max, eTshwane.
UNxumalo uthe uBester ugcinwe endaweni yeziboshwa ezithathwa njengeziyingozi kakhulu futhi ugadwe ubusuku nemini. Uthe isiboshwa esiyingozi njengoBester, sisuke sigadwe ukuthi singalimazi abanye abantu noma sizilimaze sona uqobo lwaso.
UBester uvele enkantolo ngoLwesihlanu kanti ubhekene namacala ambalwa okungelokweqa, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, elokukhwabanisa nelobugebengu obuthinta isidumbu. Uzoqhubeka nesigwebo sikadilikajele ngamacala okudlwengula ayemlahle ekuqaleni. UBester kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngoMeyi 16, kuzoqhubeka icala lakhe.