NGESIKHATHI bemamatheka abasolwa ebebevele enkantolo eBloemfontein ngeledlule ingene ingenile imibiko ezinkundleni zokuxhumana kubatshazwa uthando oluvutha amalangabi.
U-Dkt Nandipha Magudumana othathwe i-video evele eNkantolo yeMantshi eBloemfontein ngesonto eledlule emoyizele njalo, ngokongoti kwakungahambi kahle kodwa lokhu.
Ungoti ohlaziya indlela yokuziphatha kwabantu, uTania Steyn ubenengxoxo ekhethekile nesiteshi sethelevishini i-enca ohlelweni lwezindaba, eveza ukuthi uDkt Magudumane ubengakhululekile ngesikhathi ehlangana noBester enkantolo.
"Kusukela ekuqaleni ngaphambi kokuthi afike (uBester), uDkt Magudumana ehleli phansi ubelokhu edlalisa izandla. Ngokuhlaziya umzimba lokhu kukhomba ukungakhululeki..
Umuntu owenzenjalo usuke etatazela enokwethuka. Kube khona obuza ukuthi umsolwa wesihlanu uzohlalaphi. (UDkt Magudumana), uqala azame ukufaka icici ebheke phansi , uma kukhona okhombayo othi (uBester) uzohlala eduze kwakhe, avele (uDkt Magudumana) ahlale sakuya phambili kakhulu," kusho ungoti.
Akagcinanga lapho ungoti, uqhube ngokuchaza izindlela ezahlukene zokusebenza komzimba okungaba wukunyakaza komuntu angaqedi ngenxa yokwethuka nokwesaba.
Uthe ukubamba isandla somunye noma ukudlalisa umzimba, ngenye yezinto eziyizimpawu zokungakhululeki komuntu. Uqhube wachaza nangezinye zezimpawu aziphawule kuDkt Magudumana.
"Akazange ahleke kuze kuphume ngamehlo ngoba ngomzimba oxoxa indaba sibheka konke. Ubezenzisa, izandla zakhe zibambe isusu. Owesifazane owenza lokho usuke ezama ukuzivikela. Owesilisa obehleli eduze kwakhe ubelokhu embamba emqinisa.
Yize kunjalo iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana likholwa wukuthi laba bobabili basothandweni futhi kubukeka bohlukaniswa wukufa.