UWAPHIKE wonke amacala awu-162 afaka phakathi nawenkohlakalo athweswe wona umengameli weziNkantolo zeziFunda KwaZulu-Natal.
Imantshi Eric Nzimande, emisiwe emsebenzini, ivele phambi kwesigcawu sokuqondisa izigwegwe izolo.
Isigcawu siqale ngoMsombuluko eNkantolo esePhoyinti, eThekwini, njengoba umqashi kulindeleke abize ofakazi abangu-14.
Kokunye umqashi asola ngakho uNzimande ukuthi wayegembula ngesikhathi somsebenzi, enukubeza ngokocansi nokugwazisa.
UNzimande usolwa ngokuthi wayegwazisa abantu ababezobamba izikhundla zokuba yizimantshi.
Kuthiwa nguyena owayeluleka ungqongqoshe wezobulungiswa ngaleso sikhathi, ukuthi wobani okwakumele bavale izikhala.
Inhlangano engenzi nzuzo, enakekela izilwane nemvelo, kulindeleke ukuthi ifake isicelo sokuba umngani wenkantolo, ibe yingxenye yesigcawu.
Ifuna kujeziswe uNzimande ngezinsolo zokuthi uyathinteka ekubulaweni kobhejane, ukuze kutholwe izimpondo zabo.
Isicelo sizolalelwa yiJaji Jeremiah Shongwe osathatha umhlalaphansi ngoLwesine.
Sizobe sesihlehliselwa uLwesihlanu isigcawu, ukuze ithimba elimele uMbuso nelimele uNzimande bashintshane ngemiqulu edingekayo.
U-Adv Lisle Mboweni, ohola ithimba elimele umqashi, ucele kuhlehliswe isigcawu ngoba kunemininingwane eshodayo emqingweni wabo wamakhasi evile ku-400, okumele bayilande ePitoli.
Uthe uma kuqhutshekwa engekho amaphepha abawadingayo, lokho kuyocindezela uNzimande.
Ummeli kaNzimande, uMnuz Ravindra Maniklall, uvumelene nesicelo sikamqashi wathi bathemba ukuthi ngesonto elizayo bazobe sebenikiwe imininingwane.
UShongwe ucele izinhlangothi zombili, wathi uyakuqonda ukuthi kunemininingwane okumele kushintshiswane ngayo kodwa lokhu kumele kwenzeke ngokushesha.
Uthe lolu wudaba oseluthathe isikhathi eside futhi akathandi luqhubeke lubambezeleke.
“Kubalulekile ukuthi kunikwane ngale mininingwane esikhathini okuvunyelwene ngaso ukuze kugwenywe okunye ukuhlehliswa kokulalelwa kwesigcawu,” kusho ijaji.