UBENGUMLUTHA wezidakamizwa futhi engenza noma yini ukuze azidle, owesilisa oshe wangqongqa kwasala amathambo ngesikhathi kusha imijondolo eyisithupha kwa-J, KwaMashu ngoLwesine.
UMnuz Sipho Dladla (25) naye obehlala komunye wemijondolo eshile, uchazwe wumndeni wakhe njengowesilisa obezifela ngezidakamizwa.
Kuthiwa akuqondakali kahle ukuthi yini isizathu somlilo ogcine sewusha ubuhanguhangu. Umufi kuthiwa ushe elele embhedeni wakhe.
Kuthiwa ubuye izolo ecasukile efuna ukudla ngodli, ekhala ngokuthi ulambe kakhulu. Umngani wakhe ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uthe bamnikezile ukudla.
Uthe kodwa uqale phansi wayocela okunye kwamakhelwane, ekhala ngokuthi akasuthanga.
Esebuya kwamakhelwane kuthiwa akakhulumisanga muntu kulabo ahlala nabo endlini kodwa uqonde embhedeni, walala.
"Sizamile ukumvusa kodwa ubelele engavuseki. Sigcine sesiphuma samshiya ngoba nathi bese sixakwe kakhulu yintuthu ebisihila,'' usho kanjena
Uyise omncane kamufi, uMnuz Bongani Shange, uthe kubazwise ubuhlungu ukudlula emhlabeni kukaSipho.
"Zibuhlungu izinhliziyo zethu, ziyaqaqamba ngendlela ilungu lethu elidlule ngayo emhlabeni. Kodwa akukho esingakusho, nguNkulunkulu kuphela owaziyo,'' kusho uShange ebalisa.
Uthe umufi babehlala naye eNtuzuma kodwa wahamba.
"Besikade sihlala naye uSipho eNtuzuma. Sabanga indaba yokudla kakhulu izidakamizwa, sathi akaziyeke kodwa wabhoka ngolaka.“
Uthe umufi wathi uyaliduba ikhaya, angamane eyohlala emijondolo kunokuthi ayekiswe izidakamizwa.
''Akukho esingazange sikwenze sizama ukukhuluma naye kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Sasingazi ukuthi njengoba sinokungaboni ngaso linye nje naye, sesizoze simbone eselele kanjena. Hheyi! Kwaze kwabuhlungu,'' echaza.
UNksz Zama Dladla ongudadewabo kamufi, uthe umufi ubehlupha njengazo zonke izingane, ethanda ukubhema insangu.
Ikhansela lendawo, uMnuz Nhlanhla Sibisi, lithe lizwile ngesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, lisiqinisekisile isigameko.
“Kunowesilisa oshe waze washona.. Imbangela ayikatholakali.“