UMNDENI wowesifazane okuthiwa udutshulwe wabulawa ngobeyisoka lakhe eHighflats, ngoMsombuluko, wase ezibulala naye, uveze ukuthi ubemsongela ngokumbulala emva kokumala.
Kuvela ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili umgilwa, uNksz Mandisa Mgenge (33) atshela umsolwa, uMnuz Dumisani ‘Bhejane’ Msomi, naye okuthiwa uzibulalele endaweni yesigameko, ukuthi ucu alusahlangani.
Kuthiwa umgilwa wakubeka kwacaca ukuthi uqeda ubudlelwano ngoba engaliboni ikusasa nomsolwa njengoba eganiwe aphinde abe nonina wezingane.
Isihlobo sikaNksz Mgenge, esicele ukungadalulwa sithe umndeni ubunalo ulwazi ngezinsongo zokubulala kodwa ungazithatheli phezulu, uzitshela ukuthi umsolwa uyazisabisela nje.
Uveze ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili umgilwa amala umsolwa kodwa engafuni nakuyizwa leyo.
Uthe umgilwa wayebeka yona indaba yokuganwa kukamsolwa ukuthi idweba isthombe esicacile sokuthi bona bobabili alikho ikusasa elingaba khona phakathi kwabo.
“Ukuveze kaningi ukuthi ngeke avume ukuhlukana naye, waze walimisa ngesihloko elokuthi uzombulala okungcono bese eyazibulala naye, nokuyinto agcine eyenza ngempela,” kusho isihlobo.
Sithe lokhu ubekusho kuye umgilwa, aphinde akusho nakomunye udadewabo kanjalo nakubazali bakamgilwa uqobo, okuthiwa ubebashayela ucingo uma esesonga.
Isihlobo siphinde sasola amaphoyisa ngokuhluleka ukumvikela umgilwa, kwaze kwaba ubulawa ngempela.
“Nakuba abazali bengazithathelanga phezulu izinsongo ezazenziwa umsolwa, umgilwa wazisukumela. Waze waya ngisho emaphoyiseni ukuyobika kodwa amchilizela izandla, ethi akukho angamsiza ngakho ngoba umsolwa akaze ambeke isandla, umsabise ngamazwi kuphela,” kusho isihlobo.
Uthe lokhu abaphoyisa akwenza phezu kokuba umgilwa ewachazele ukuthi umsolwa uke wamkhomba ngesibhamu, wathi ukuba enza okuthize ngezinsongo, mhlawumbe ngabe umgilwa usaphila.
Ubuye wathi bewumndeni kubadinile ukuthi uMsomi aphendule izingane zikamgilwa ezisencane - azithola ebudlelwaneni baphambilini - izintandane.
“Lo muntu ubenomfazi wakhe, eganiwe. Ubebuye aphinde abe nonina wezingane. Isidingo sokuthi abulale isihlobo sethu besingekho,” kusho isihlobo.
Sichaza ngokuthiwa kwenzeke endaweni yesigameko, sithe umsolwa ufike wavulela ngenhlamvu kumgilwa esendlini adayisela kuyo imithi kayise, owaziwa ngelikaMgenge, inyanga edumile yaseMzinto.
Uthe emva kokudutshulwa ebusweni, entanyeni nasesifubeni, umgilwa uzamile ukuphuma abaleke, kodwa wawa esabaleke ibanga elifishane.
Uthe kuphele amahora amabili ephila engalutholi usizo, amaphoyisa ethi akulindwe umndeni wakhe, nothe uma usufika umphuthumisa esibhedlela, wafike washona.
Isihlobo sikamsolwa, uMnuz Thabani Msomi, uthe kulukhuni ukuthi bakhulume kakhulu ngesigameko ngoba abazi ukuthi bekubangwani.
“Sisola ukuthi bebexabene. Thina sazi ukuthi bebethandana, cishe sekuphele iminyaka emithathu bethandana,” kusho uMsomi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseHighflats, aphenya icala lokubulala emva kwesigameko sokudutshulwa kubulawe owesifazane oneminyaka engu-33, ngumuntu wesilisa amaziyo.
“Imibiko ithi lona wesilisa naye uzidubulile,” kusho uNetshiunda.